“U-Abrahama noSara,” Umyalezo waNyanga zonke we Friend (Umngani), ngoFebruwari 2022
“U-Abrahama noSara”
UMyalezo waNyanga zonke we Friend (Umngani), ngoFebruwari 2022
U-Abrahama noSara
U-Abrahama wayengumprofethi. UNkulunkulu wenza isivumelwano no-Abrahama nomkakhe, uSara.
UNkulunkulu wabethembisa ukubabusisa. Wabatshela ukuthi babeyoba nabantwana. U-Abrahama noSara bathembisa ukumlandela uNkulunkulu.
U-Abrahama noSara bazigcina izethembiso zabo. Kodwa kabazange babe nabantwana isikhathi eside. Baya ngokuya beguga.
Ekugcineni, ngesikhathi u-Abrahama eseneminyaka eyi-100 uSara yena eseneminyaka eyisi-90, bathola umntwana womfana. Bamqamba ngokuthi u-Isaka. Babazi ukuthi uNkulunkulu wayebabusisile.
Ngingamethemba uNkulunkulu. Kwesinye isikhathi izibusiso azisheshi zifike. Kodwa uNkulunkulu uhlezi ezigcina izethembiso Zakhe.
© 2022 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Ishicilelwe eMelika Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, February 2022. isiZulu. 18313 783