Ngo-2022
UMose neMana
Ngo-Ephreli 2022


“UMose neMana,” Umyalezo waNyanga zonke we Friend (Umngani) ngo-Ephreli 2022

“UMose neMana”

Umyalezo Wanyanga zonke we Friend (Umngani) ngo-Ephreli 2022

UMose neMana

Isithombe
UMose nabantwana bakwa-Israyeli

Imifanekiso yenziwe ngu-Apryl Stott

UMose wayengumprofethi. Waholela abantu baNkulunkulu ezweni lesithembiso. Bahamba ngezinyawo izinsuku eziningi.

Isithombe
abantwana nemana

Abantu babelambile. Babengenakho ukudla. Ngakho-ke, uNkulunkulu wabathumelela ukudla okuvela ezulwini. Kwakubizwa ngokuthi yimana.

Isithombe
indodana nomama belungisa imana

Njalo ekuseni, abantu babeqoqa imana ukuze badle. Kepha yayingahlali iyintsha ubusuku bonke. Kwakufanele baqoqe enye ngosuku olulandelayo.

Isithombe
UJesu Kristu nabantwana

Imana isikhumbuza ngoJesu Kristu. UNkulunkulu wathumela imana ukusindisa abantu. Waphinde wathumela uJesu emhlabeni ukuze asisindise. Simdinga nsuku zonke uJesu, njengoba sidinga ukudla nsuku zonke.

Isithombe
abantwana bebuka isithombe sikaJesu Kristu

Ngizomlandela uJesu. Uzonginikeza amandla futhi angisize ngiluzwe uthando Lwakhe usuku ngalunye.

Ikhasi Lokufaka Imibala

Siyamdinga uJesu Zonke iziNsuku

Isithombe
UJesu Kristu nabantwana

Chofoza esithombeni ukuze usikopishe.

Umfanekiso wenziwe ngu-Apryl Stott

Ngabe uJesu Kristu ukusiza kanjani na?

Shicilela