Ngo-2022
U-Eliya Nezwi eliNcane Elihlebezayo
NgoJulayi 2022


“U-Eliya Nezwi eliNcane Elihlebezayo” Friend (Umngani), ngoJulayi 2022

“U-Eliya Nezwi eliNcane Elihlebezayo”

Umyalezo Wanyanga Zonke weFriend (Umngani), ngoJulayi 2022

U-Eliya Nezwi eliNcane Elihlebezayo

Isithombe
U-Eliya ngasentabeni

Imifanekiso yenziwe ngu-Apryl Stott

U-Eliya wayengumprofethi. Wayefuna ukuzwa izwi likaNkulunkulu. Wahamba waya entabeni ukuze azwe izwi likaNkulunkulu kangcono.

Isithombe
U-Eliya ebona umoya ovunguza ngamandla

Kwabanomoya ovunguza ngamandla. Wawunamandla kwangangokuthi waphahlaza amadwala. Umoya wawunomsindo. Kepha wawungelona izwi likaNkulunkulu.

Isithombe
U-Eliya ebona ukuzamazama komhlaba kanye nomlilo.

Emva kwalokho kwabakhona ukuzamazama komhlaba. Umhlaba wazamazama. Kwabakhona nomlilo futhi. Wawunamalangabi amakhulu. Kepha ukuzamazama komhlaba kanye nomlilo kwakungalona izwi likaNkulunkulu.

Isithombe
U-Eliya ezwa izwi elincane elihlebezayo

Kwase kwathi cosololo. U-Eliya wezwa izwi likaNkulunkulu. Lalincane futhi lihlebeza. Kodwa lalizwakala kahle.

Isithombe
abantu besesontweni

Ngingalizwa izwi likaNkulunkulu ngokulalela uMoya oNgcwele. Ukhuluma nami ngezindlela ezincane futhi neziwubala.

Ikhasi Lokufaka Imibala

Ngingawuzwa uMoya oNgcwele.

Isithombe
abantwana becula amahubo

Chofoza esithombeni ukuze usikopishe.

Umfanekiso wenziwe ngu-Apryl Stott

Yini ekusiza ukuthi uzwe uMoya oNgcwele na?

Shicilela