Ngo-2022
Amagama Amaningi kaJesu
NgoDisemba 2022


“Amagama Amaningi KaJesu”, uMyalezo wanyanga zonke we Friend (Umngani) ngoDisemba 2022

“Amagama Amaningi kaJesu”

UMyalezo waNyanga zonke we Friend (Umngani) ngoDisemba 2022

Amagama Amaningi kaJesu

Isithombe
UHezekeli ebhala

Imifanekiso yenziwe ngu-Apryl Stott

Abaprofethi abaningi bafundise ngoJesu Kristu. Bathi uyozalwa ukuze asibonise indlela yokuphila. Basebenzisa amagama amaningi ukuze bafundise Ngaye.

Isithombe
IBhayibheli neNcwadi kaMormoni

Kwesinye isikhathi emibhalweni engcwele uJesu ubizwa ngokuthi ngu Imanuweli. Lelo gama lisho ukuthi “uNkulunkulu unathi.”

Isithombe
ukunyathelisa iBhayibheli emshinini wokuqala wokunyathelisa

UJesu uphinde abizwe ngokuthi uMesiya. uMesiya usho ukuthi “ogcotshiweyo.” UJesu wasifela ukuze siphile noNkulunkulu futhi.

Isithombe
UJoseph Smith ehumusha iNcwadi kaMormoni no-Emma njengonobhala

UJesu ungu Msindisi wethu. Uyasisindisa ezonweni zethu nasekufeni.

Isithombe
UJesu Kristu
Isithombe
umndeni ufunda imibhalo engcwele

Elinye igama likaJesu yi Nkosi yokuThula. Uma sesaba noma sicasukile, Angasisiza sizwe ukuthula koMoya oNgcwele.

Isithombe
abantwana benendoda ehamba ngesihlalo sabakhubazekile zifunda imibhalo engcwele

Ngiyamthanda uJesu Kristu. Ngingafunda ngempilo nangothando Lwakhe emibhalweni engcwele.

Ikhasi Lokufaka Imibala

Ngiyamthanda uJesu Kristu

Isithombe
abantwana nothisha eNhlanganweni yabaNtwana

Chofoza esithombeni ukuze usikopishe.

Umfanekiso wenziwe ngu-Apryl Stott

Ukhombisa kanjani ukuthi uyamthanda uJesu na?

Shicilela