Ngo-2023
Isidlo esiNgcwele sokuQala
NgoJuni 2023


“Isidlo esiNgcwele sokuQala” Friend (Umngani), ngoJuni 2023, 46-47.

Umyalezo Wanyanga Zonke we-Friend (Umngani) ngoJuni 2023

Izindaba zemiBhalo eNgcwele

Isidlo esiNgcwele sokuQala

Isithombe
uJesu ehlezi etafuleni nabaPhostoli Bakhe

Imifanekiso yenziwe ngu-Apryl Stott

Ngaphambi kokuba uJesu afe, wahlangana nabaPhostoli Bakhe. Wabanika isidlo esingcwele.

Isithombe
uJesu ebambe isinkwa

UJesu wahlephula isinkwa wabanika. Wabacela ukuba basidle ukuze bakhumbule ukuthi wabanikelela ngempilo Yakhe.

Isithombe
UJesu ebambe indebe

UJesu wabe esebanika indebe. Wabacela ukuba baphuze kuyo. Yayizobasiza ukuba bamkhumbule.

Isithombe
AmaKristu okuQala edla isidlo esingcwele

Ngisho uJesu esengasekho phakathi kwabaPhostoli Bakhe, isidlo esingcwele sabasiza ukuba bacabange Ngaye. Babeluzwa uthando Lwakhe futhi babekhumbula ukuyigcina imiyalelo.

Ikhasi Lokufaka Imibala

Ngingasithatha Isidlo Esingcwele

Isithombe
Umfana ethatha isidlo esingcwele

Umfanekiso wenziwe ngu-Apryl Stott

Lapho ngidla isidlo esingcwele, ngingamkhumbula uJesu nothando Lwakhe ngami.

Shicilela