Ngo-2023
Abelusi Bavakashela Umntwana UJesu
NgoDisemba 2023


“Abelusi Bavakashela Umtwana UJesu,” Umngani, Dis. 2023, 46–47.

Umyalezo wanyanga zonke wephephabhuku elithi Umngani NgoDisemba 2023

Abelusi Bavakashela Umntwana UJesu

Isithombe
Alt.text

Imifanekiso yenziwe ngu-Apryl Stott

Ngobunye ubusuku, ingelosi iye yavakashela abelusi endle. Ingelosi yabatshela ukuthi umntwana obalulekile uzelwe. Igama lakhe kwakunguJesu Kristu. Wayezoba uMsindisi wabantu bonke emhlabeni. Izingelosi ezengeziwe ziye zeza. Zacula “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni, kubantu abathokozelwa nguye.”

Isithombe
Alt.text

Abelusi bashesha ukuvakashela umntwana uJesu. Babejabule kakhulu ukumbona!

Isithombe
Alt.text

Abelusi batshela abanye ngoJesu Kristu. Babefuna wonke umuntu ezwe izindaba ezinhle.

Ikhasi Lokufaka Imibala

Ngingacula ngoJesu Kristu

Isithombe
alt text here

Umfanekiso wenziwe ngu-Apryl Stott

Ngingacula izingoma ezimayelana noJesu ukuze ngibungaze ukuzalwa Kwakhe.

Shicilela