“UJakobe noNefi Bamubona uJesu,” Friend (Umngani), ngoMashi 2024, 26–27.
Umlayezo waNyanga zonke we Friend (Umngani) ngoMashi 2024
UJakobe noNefi Bamubona uJesu
UJakobe wayengumfowabo kaNefi omncane. Wazalwa ngemva kokuba umndeni wabo usuhambile eJerusalema. UJakobe wafika ezweni lesethembiso esengumntwana.
UJakobe noNefi bobabili bamubona uJesu Kristu. Babelana ngobufakazi babo nemindeni yabo ukuze babasize bafunde ngoJesu.
Babelana ngamazwi omprofethi u-Isaya futhi. U-Isaya naye wayembonile uJesu futhi wabhala ngaye emibhalweni engcwele. UJakobe noNefi basebenzisa amazwi ka-Isaya avela emibhalweni engcwele ukufundisa imindeni yabo ngoJesu.
Bafundisa ukuba uJesu wayezofika emhlabeni. Wayezokufa aphinde aphile futhi. Babelana ngobufakazi babo bukaJesu Kristu ukuze imindeni yabo iyolangazelela ukubuya Kwakhe.
© 2024 ngu Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Kucindezelwe eMelika. Ukugunyazwa kweSingisi: 6/19. Ukugunyazwa kokuhumusha: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, February 2024. Zulu. 19287 783