“U-Aroni Ufundisa iNkosi,” Umngani, ngoJulayi 2024, 26–27.
Umyalezo Wanyanga Zonke we-Umngani, ngoJulayi 2024
U-Aroni Ufundisa iNkosi
U-Aroni wayengomunye wamadodana ka-Mosiya. Wayeyisithunywa sevangeli. Wafundisa inkosi yamaLamani ezweni lonke.
U-Aroni wabuza inkosi ukuba yayikholelwa kuNkulunkulu na. Inkosi yathi yayizokholwa uma u-Aroni ethi uNkulunkulu owangempela. Wacela u-Aroni ukuba amutshele kabanzi ngoNkulunkulu.
U-Aroni wafundela inkosi imibhalo engcwele. Wafundisa ngokwakhiwa komhlaba. Wafundisa ngesu likaNkulunkulu. Watshela inkosi ngoJesu Kristu.
Emva kwalokho, inkosi yakhuleka. Yabuza uNkulunkulu ukuba lokho okushiwo u-Aroni kwiyiqiniso na. Inkosi yathola impendulo ukuthi yiqiniso!
Inkosi yakholwa lokho okwafundiswa u-Aroni. Wonke umuntu emzini wakhe naye wakholwa. Babhabhadiswa futhi bakhetha ukulandela uJesu Kristu.
© 2024 ngu Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Kucindezelwe eMelika. Ukugunyazwa kweSingisi: 6/19. Ukugunyazwa kokuhumusha: 6/19. Ukuhunyushwa kweMonthly Friend Message, July 2024. Zulu. 19348 783