Friend (Umngani)
IziNsizwa ezingamaButho
Ngo-Agasti 2024


“IziNsizwa ezingamaButho,” iFriend (Umngani) yango-Agasti 2024, 26-27.

UMyalezo Wanyanga zonke we Friend (Umngani) ngo-Agasti 2024.

IziNsizwa ezingamaButho

Isithombe
Abantu begqiba izikhali zabo emgodini

Imifanekiso ngu-Andrew Bosley

Abantu ababefundiswe ngu-Amoni nabafowabo babefuna ukulandela uJesu Kristu. Bazigqiba izikhali zabo base bethembisa uNkulunkulu ukuthi babengasezuphinde balwe futhi.

Isithombe
Iqembu lezinsiswa lisondela endlini lapho abantu abadala bekhuluma.

Kodwa masinyane babedinga ukuvikela imindeni yabo. Obaba abagqiba izikhali zabo babengafuni ukwephula isethembiso noNkulunkulu. Ngakho-ke amadodana abo alungiselela ukulwa esikhundleni sabo. Babebizwa ngezinsizwa ezingamabutho ayizinkulungwane ezimbili. -.

Isithombe
Insizwa ikhuleka nonina ngesikhathi ezinye izinsizwa zibuthana nezikhali.

Izinsizwa ezingamabutho zazingakaze zilwe empini ngaphambilini. Kodwa onina basiza ukuzilungiselela futhi bazifundisa ukumethemba uNkulunkulu.

Isithombe
UHelamani ehola izinsizwa ezingamabutho ekuhambeni; insizwa isiza enye elimele ukuba ihambe.

Bakhetha uHelamani ukuba abe ngumholi wabo. Babenesibindi, futhi uNkulunkulu wabasiza. Bonke balimala, kodwa basizana. UNkulunkulu waluhlonipha ukholo lwabo, futhi bonke baphila!

Ikhasi Lokufaka Imibala

Imibhalo eNgcwele Ingangisiza Nsuku Zonke.

Isithombe
Ikhasi lokufaka imibala lemidwebo yeNcwadi kaMormoni ephumela ngaphandle kwekhasi lencwadi evulekileyo

Umfanekiso ngu-Adam Koford

Iyiphi indaba yombhalo ongcwele oyithandayo na?

Shicilela