“UNefi Ukhulekela Abantu,” Umngani, ngoSepthemba 2024, 26–27.
UMyalezo waNyanga zonke wephephabhuku elithi Umngani, ngoSepthemba 2024
UNefi Ukhulekela Abantu
UNefi wayengumphrofethi. Wayeqanjwe ngoNefi owalanda izingcwephe zethusi. Wayekhathazekile ngabantu. Babesebeyekile ukulandela uNkulunkulu.
UNefi wahamba waya ensimini yakhe. Wakhuphuka kumbhoshongo ensimini futhi wakhuleka khona kuNkulunkulu. Wakhulekela abantu.
Abanye abantu bambona uNefi phezu kombhoshongo. Bama ukulalela futhi baqoqa abanye ukuze balalele. Ngesikhathi uNefi eqeda ukukhuleka, wababona ukuthi babebuka futhi waqala ukubafundisa.
UNefi wabacela abantu ukuba baphenduke. Abanye babo babengazithandanga izinto ezazifundiswa nguNefi. Kodwa abanye abaningi balalela! Bakhetha ukuphenduka baguqule izindlela zabo.
© 2024 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe ngesiNgisi: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, September 2024. Zulu. 19357 783