“UJesu Wabusisa Umuntu Ngamunye,” UMngani, ngo-Okthoba 2024, 26–27.
Umyalezo Wanyanga Zonke we Friend (UMngan)i, Ngo-Okthoba 2024
UJesu Wabusisa Umuntu Ngamunye
Abaphrofethi bafundisa amaNefi ngezimpawu zokufa kukaJesu Kristu. Lapho efa, kwaba khona ubumnyama ezweni izinsuku ezintathu. Kamuva, abantu bezwa izwi likaBaba oseZulwini likhuluma livela ezulwini.
UBaba oseZulwini wathi, “Bhekani iNdodana yami Ethandekayo” (3 Nefi 11:7). UJesu wavela kumaNefi. Wayevukile kwabafileyo! Wafundisa amaNefi izinto eziningi. Wawatshela ukuthi aphenduke futhi Amlandele.
Wacela abantu ukuba balethe Kuye abagulayo ukuze baphulukiswe. Wababusisa.
Waphinde futhi wabusisa abantwana ngabanye. Izingelosi zazungeza abantwana.
© 2024 by Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, October 2024. Zulu. 19291 783