Ngo-2021
Ngingazi kanjani ukuthi ngizwa izwi leNkosi empilweni yami na?
NgoFebruwari 2021


“Ngingazi kanjani ukuthi ngizwa izwi leNkosi empilweni yami na?” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoFebruwari 2021, 29.

UMyalezo Wenyanga For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), Februwari 2021

Ngingazi kanjani ukuthi ngizwa izwi leNkosi empilweni yami na?

Isithombe
insizwa ifunda imibhalo engcwele

UMongameli uRussell M. Nelson usimeme ukuba “sicabange ngokujulile futhi kaningi” ngokuthi simuzwa kanjani uJesu Kristu nokuthi “sithathe izinyathelo zokuMuzwa kangcono futhi kaningi” (“‘How Do You #HearHim?’ A Special Invitation,” Feb. 26, 2020, blog.ChurchofJesusChrist.org).

Singamuzwa ngemibhalo engcwele nangamazwi abaphrofethi. Kodwa akukhona nje ukuzwa noma ukufunda lawo mazwi okwenza simuzwe. Ngomprofethi uJoseph Smith, iNkosi yachaza yathi:

“Yizwi lami eliwakhulumayo [lawa mazwi] kini; ngokuba ambulwe nguMoya wami kini … ;

“Ngalokho-ke, ningafakaza ukuthi nilizwile izwi lami” (IMfundiso neziVumelwano 18:35–36).

Ngaphezu kwalokho, ukufuna ukuMuzwa akuyona into esiyenza ngokuxhamazela. UMongameli uNelson uthe, “Kuthatha umzamo ozwakalayo nongaguquguquki” (“Hear Him,” umhlangano omkhulu ka-Ephreli 2020 [i-Ensign noma iLiyahona, ngoMeyi 2020, 89]).

Njengoba ufunda, uthandaza, udumisa, ukhonza, futhi ulalela imiyalelo yeNkosi, izokubusisa ngoMoya Wayo futhi, ngeNhlawulo kaJesu Kristu, izokuguqula. Ngemuva kwalokho uzokwazi ukuthi ulizwile izwi Layo.

Shicilela