Ngo-2022
AbaPhatriyakhe: Ukuthi Babe Ngobani nokuthi Kubaluleke Ngani Lokho
NgoFebruwari 2022


“AbaPhatriyakhe: Ukuthi Babe Ngobani nokuthi Kubaluleke Ngani Lokho,” For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha), ngoFebruwari 2022.

UMyalezo Wanyanga Zonke we For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha), ngoFebruwari 2022

UGenesise 11–50

AbaPhatriyakhe

Ukuthi babe ngobani nokuthi Kubaluleke Ngani Lokho na?

Mhlawumbe wake wezwa ngo-Abrahama, u-Isaka, noJakobe. Sifunda ngabo kaningi eNcwadini kaMormoni futhi nakanjani kuningi osazokuzwa ngabo njengoba ufunda iTestamente eliDala kulonyaka. Njengoba benakiwe kangaka, kufanele ukuthi babalulekile, akunjalo na? Kodwa kungenzeka uyazibuza ukuthi, “Kungani amadoda amathathu ayephila eminyakeni eyizinkulungwane ebalulekile namhlanje na?” Empeleni, impendulo engukhiye kulowo mbuzo yizivumelwano nezibusiso zaphakade ezithenjisiwe uNkulunkulu abanika zona.

U-Abrahama

Isithombe
U-Abrahama

Imifanekiso yenziwe nguJarom Vogel

U-Abrahama wayengumprofethi omkhulu. Wayelungile futhi eyigcina imiyalelo kaNkulunkulu.

Wabhabhadiswa, wemukela ubupristi, futhi waboshwa kumkakhe uSara ingunaphakade.

UNkulunkulu wenza isivumelwano no-Abrahama sokuthi inzalo yakhe iyoba nkulu futhi ithole izibusiso ezifanayo nalezo ayezitholile.

Yayiyohambisa ukuphelela kwevangeli likaJesu Kristu ezizweni zomhlaba.

U-Isaka

Isithombe
U-Isaka

U-Isaka wayeyindodana ka-Abrahama noSara.

UNkulunkulu watshela u-Abrahama ukuba enze umhlatshelo ngo-Isaka. U-Abrahama wayemthanda u-Isaka kodwa wakhetha ukulalela uNkulunkulu. Ngesikhathi u-Abrahama ayesezonikela u-Isaka njengomhlatshelo, ingelosi yamtshela ukuthi akamme. Ukuvuma kuka-Abrahama no-Isaka ukuba balalele uNkulunkulu kufana ngokophawu neNhlawulo yeNdodana eZelwe Yodwa kaNkulunkulu.

U-Isaka wethenjiswa izibusiso ezifanayo nezika-Abrahama.

UJakobe

Isithombe
UJakobe

Njengoyise nomkhulu wakhe, uJakobe wethembeka kuNkulunkulu.

Ngenxa yokwethembeka kwakhe, iNkosi yalishintsha igama likaJakobe laba ngu-Israyeli, okusho ukuthi “onqoba noNkulunkulu” noma “yekelela uNkulunkulu anqobe” (bheka iziHloko zemiBhalo eNgcwele, isihloko esithi “Israyeli”).

UJakobe wayenamadodana ayi-12. Lawa madodana kanye nemindeni yawo agcina esaziwa ngokuthi yizizwana zakwa-Israyeli.

Isivumelwano uNkulunkulu asenza no-Abrahama savuselelwa noJakobe kanye nabantwana bakhe.

AbaPhatriyakhe kanye Nawe

Njengelungu leBandla, uyingxenye yenzalo ka-Abrahama, u-Isaka, kanye noJakobe. Isivumelwano abasenza noNkulunkulu siyakuthinta nawe!

Unesibusiso nomthwalo wokufakaza ngoMsindisi futhi wabelane ngevangeli.

Ubiziwe futhi ukuba umeme bonke abantu ukuba benze futhi bagcine izivumelwano futhi bamukele izimiso zobupristi. UMongameli uRussell M. Nelson uthe lokhu kuyingxenye yokuqoqwa kuka-Israyeli, “okuyinto ebaluleke kunakhoo konke okwenzeka emhlabeni namuhla” (“Hope of Israel,” [worldwide youth devotional, June 3, 2018], 8, ChurchofJesusChrist.org).

Shicilela