Ngo-2022
Ngabe Umuzwa Kanjani na?
NgoMashi 2022


“Ngabe Umuzwa Kanjani na?,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoMashi 2022.

UMyalezo waNyanga zonke For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngoMashi 2022

Ngabe Umuzwa Kanjani na?

Lomyalezo uvela enkulumweni yengqungquthela yebandla lonke yango-Ephreli 2020.

Isithombe
izingcezu zomdlalo wokuxazulula indida
Isithombe
Abantu abanezingcezu ezingaphelele zomdlalo wokuxazulula indida

Imifanekiso yenziwe ngu-Oksana Grivina

UNkulunkulu uyasiqinisekisa ngamunye ukuthi uyasazi futhi uyasithanda, aphinde asinike iziyalelo ezinokuthula ezivela kuMoya oNgcwele. Bese kuthi, ezikhathini zethu zobunzina, uMsindisi asikhumbuze ngalezi zikhathi zokuthula esidlule kuzo.

Cabanga ngempilo yakho. Lezi zigigaba zingase zenzeke ezikhathini ezibalulekile ezimpilweni zethu noma kulokho okungase kubonakale njengezinto ezenzekayo nje ezingasho lutho. Lezi zikhathi ezibalulekile ngokomoya ziza ngezikhathi ezihlukene nangezindlela ezehlukene, futhi zenzelwe umuntu ngamunye.

UJoseph Smith wachaza ukuthi ngesinye isikhathi sithola “imibono singazelele” futhi ngezikhathi ezithile ukuhlakanipha kugeleza kuze kithi.1

UMongameli uDallin H. Oaks, ephendula indoda eyayikhuluma iqiniso ithi ayikaze ibe nehlanhla yalokho, wayeluleka wathi, “Mhlawumbe imikhuleko yakho iphenduliwe kaningi, kodwa ngoba ubuhlezi ulindele isibonakaliso esikhulu noma izwi elikhulu ucabanga ukuthi awukaze uphendulwe.”2

Sisanda kuzwa uMongameli uRussell M. Nelson ethi: “Ngiyakumema ukuba uhlezi ucabanga ngokujulileyo ngalo mbuzo obalulekile: Ngabe wena umuzwa kanjani na? Ngiyakumema futhi ukuba uthathe izinyathelo zokumuzwa kangcono futhi kaningi. ”3

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith (2007), 132.

  2. NguDallin H. Oaks, Life’s Lessons Learned: Personal Reflections (2011), 116.

  3. NguRussell M. Nelson, “‘How do You #HearHim?’ A Special Invitation,” Feb. 26, 2020, blog.ChurchofJesusChrist.org.

Shicilela