Ngo-2022
UMsindisi Ozwa Ubuhlungu
Ngo-Ephreli 2022


“UMsindisi Ozwa Ubuhlungu,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngo-Ephreli 2022.

UMyalezo waNyanga zonke webhukwanai For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngo-Ephreli 2022

UMsindisi Ozwa Ubuhlungu

Eminyakeni engamakhulu ngaphambi kokuba uJesu Kristu eze, u-Isaya wakubona ngaphambili ukuzwa Kwakhe ubuhlungu ngenxa yezono zethu.

ideleliwe, yashiywa

Isithombe
Izandla zikaJesu Kristu ziboshiwe

Ngesikhathi uJesu Kristu eze emhlabeni, abanye abantu bakholwa Nguye, kodwa abaningi abazange. Babeze bamubukele phansi, futhi abaningi babemzonda. Ekugcineni, abantu bakhetha ukuthi azwiswe ubuhlungu futhi abulawe. (Bheka ku 1 Nefi 19:9.)

yazithwala izifo zethu

Isithombe
UJesu Kristu eguqe eGetsemane

UJesu Kristu wathwala zonke izinhlungu zethu, ukugula, nobuthakathaka. Wakwenza lokhu ukuze ezoba nomusa kithi futhi azi ukuthi angasisiza kanjani. (Bheka ku Alima 7:11–13.)

yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu

Isithombe
UJesu Kristu esiphambanweni

UJesu Kristu wezwa ubuhlungu ngenxa yezono zethu. Wakwenza lokhu ukuze sithethelelwe ngesikhathi siphenduka. (Bheka IMfundiso neziVumelwano 18:11; 19:15–19.)

ngemivimbo yayo siphilisiwe thina

Isithombe
Abantu bezwa isandla sikaJesu Kristu ovukile kwabafileyo

“Imivimbo yayo” ngamanxeba Akhe. Lokhu kumele konke ukuhlupheka akubekezelela ngenxa yethu, kubandakanya nokuchitheka kwegazi Lakhe nokufa Kwakhe. Ngokuba uJesu Kristu wezwa ubuhlungu ngenxa yethu, singapheleliswa futhi. Umnikelo wakhe wenza izono zethu zikwazi ukuthethelelwa. Ngesikhathi siphenduka futhi sizama ukugcina izivumelwano zethu, Uyaselapha futhi asiguqule. (Bheka uMosiya 3:7–11; ImiBhalo yoKholo 1:3.)

Shicilela