Ngo-2022
Khetha
ngoJuni 2022


“Khetha,” For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha), ngoJuni 2022.

UMyalezo waNyanga zonke webhukwana elithi For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) ngoJuni 2022

Khetha

UJoshuwa wabanxusa abantu bakhe ukuba bakhethe okulungileyo––ukulandela iNkosi.

Khetha

Ikhono esinalo lokuzikhethela nokuzenzela libizwa ngokuthi ilungelo lokukhetha. Liyingxenye ebalulekile yohlelo lukaBaba oseZulwini. Enye injongo yalempilo wukukhombisa ukuthi sizokhetha ukuhlonipha imiyalelo kaNkulunkulu ukuze sibe njengaYe. Siyokwahlulelwa ngokuzikhethela kwethu. (Bheka ku 2 Nefi 2:27; IMfundiso neziVumelwano 101:78; Abrahama 3:25.)

namuhla

UJoshuwa wabanxusa abantu bakhe ukuba bakhethe “namuhla,” noma khona manje. Singenza izinqumo ezibalulekile kanye bese sizama ukuzibophezela kuzo. (Bheka AmaHubo 37:5.)

sebenzela

Kulelivesi, ukusebenzela kusho ukukhonza, ukusiza, ukuhlonipha, nokuzinikela kumuntu othile. Kufanele siyisebenzele iNkosi (bheka uMose 1:15).

onkulunkulu

U-Israyeli wayeyalwe ukuba akhonze kuphela uNkulunkulu weqiniso nophilayo, uJesu Kristu (bheka uEksodusi 20:2–5). UJoshuwa wanika izibonelo zabanye onkulunkulu abantu bakhe okwakungafanele babakhonze. Abanye onkulunkulu ezimpilweni zethu kungaba yizinto esinazo, imibono yabanye, neminye iminako––noma ngabe yikuphi okusisusa eNkosini.

mina nendlu yami

UJoshuwa wazikhulumela yena nendlu yakhe. Wathi bazoyikhonza iNkosi. Wayefuna ukuhola umndeni wakhe ngokulunga futhi abafundise nokuyilandela iNkosi (bheka IMfundiso neziVumelwano 93:40).

Shicilela