“Isibani Ezinyaweni Zethu,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngo-Agasti 2022.
UMyalezo waNyanga Zonke webhukwana elithi For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngo-Agasti 2022
Isibani Ezinyaweni Zethu
Into ejwayelekile kwabakwa-Israyeli basendulo ingasifundisa indlela iNkosi esihola ngayo.
Amaqiniso
Ngezikhathi zeTestamente eliDala, abantu babesebenzisa izibani zamafutha ukuze kube nokukhanya ebumnyameni. Iningi lalezi zibani lalinezici ezintathu eziyisisekelo:
-
Isitsha sobumba esinamafutha omnqumo; ngokuvamile esincane ngokwanele ukuba sentendeni yesandla somuntu
-
Intambo yefuleksi ezokhanyiswa ngemva kokumunca amafutha
-
Isitshazisi noma umlomo wokubamba intambo
Izibani zamafutha eziwubala ezinentambo eyodwa vo zazingakhanyisa amamitha ambalwa maduzane nazo. Uma zisetshenziswa ngenkathi uhambahamba, zingakhanyisa ngokwanele ukuze ubone phambi kwakho ukuze ukwazi ukuhambahamba ngokucophelela ebumnyameni.
Esingakufunda
Izwi leNkosi lingakhanyisa indlela yethu ebumnyameni nasesiphithiphithini esisizungezile emhlabeni.
INkosi isicelile ukuthi singakufihli ukukhanya kwethu kodwa sikuphathe ukukhanya kwevangeli ukuze nabanye bakubone (bheka NgokukaMathewu 5:14–16).
Kukithi ukwenza isiqiniseko sokuthi izibani zethu zigcwele amafutha (bheka NgokukaMathewu 25:1–13). Lokhu sikwenza ngomkhuleko, ngokufunda imibhalo engcwele, ngokusiza abanye, ngokulandela umprofethi, kanye nezinye izenzo zokholo kanye nokuzinikela (bheka incwadi kaSpencer W. Kimball, Faith Precedes the Miracle [1972], 256).
Uma sisebenzisa ukholo, iNkosi kwesinye isikhathi ikhanyisa indlela yethu ngokwanele ukuthi sithathe esinye isinyathelo (bheka inkulumo ka Boyd K. Packer, “The Candle of the Lord,” Ensign, ngoJanuwari 1983, 54).
© 2022 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Ishicilelwe eMelika Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly For the Strength of Youth Message, August 2022. isiZulu. 18316 783