Ngo-2022
Funda ngoJesu Kristu futhi uFinyelele eMandleni Akhe
NgoSepthemba 2022


“Funda ngoJesu Kristu futhi uFinyelele emandleni Akhe,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoSepthemba 2022.

UMyalezo waNyanga zonke weFor the Strength of Youth (Okwakhaa Intsha), ngoSepthemba 2022

Funda ngoJesu Kristu futhi uFinyelele eMandleni Akhe

Kuthathelwe kwiNkulumo yengqungquthela yebandla lonke yango-Ephreli 2017.

Ngingathanda ukwabelana ngokuthi singawafaka kanjani ezimpilweni zethu amandla eNkosi noMphathi wethu, uJesu Kristu.

Siqala ngokufunda Ngaye.1 “Ngeke kwenzeke ukuba [thina] sisindiswe singenalo ulwazi” (IMfundiso neziVumelwano 131:6). Lapho siqonda kabanzi ngemfundiso yoMsindisi nasenzela kona, yilapho sazi kangcono ukuthi Uyakwazi ukusinika amandla esiwadingayo ezimpilweni zethu.

NjengabaNgcwele beziNsuku zokuGcina, sibiza umsebenzi Wakhe njengeNhlawulo kaJesu Kristu, eyenza uvuko lwaba ngoloqobo kubo bonke futhi yenza ukuphila okuphakade kwafezeka kulabo abaphendukayo ezonweni zabo futhi bamukela futhi bagcina izimiso nezivumelwano ezibalulekile.

Ngaphansi kwesu laphakade elikhulu likaBaba, nguMsindisi owahlupheka. UMsindisi owagqashula izibopho zokufa. UMsindisi owakhokha inani lezono neziphambeko zethu futhi wazicisha ngaphansi kombandela wokuphenduka kwethu. UMsindisi owasikhulula ekufeni komzimba kanye nokomoya.

Amagama angcwele afana nelithi iNhlawulo nelithi uVuko achaza okwenziwa uMsindisi, ngokwesu likaBaba, ukuze siphile ngethemba kulempilo futhi sizuze ukuphila okuphakade ezweni elizayo.

Shicilela