Ngo-2022
Ungalindi! Yibani Njengabelusi
NgoDisemba 2022


“Ungalindi! Yibani Njengabelusi,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoDisemba 2022.

UMyalezo waNyanga zonke we For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) , ngoDisemba 2022

NgokukaLuka 2:8–20

Ungalindi! Yibani Njengabelusi

abelusi

Ngobusuku obuthuli kudala, abelusi babeqaphe ngenkuthalo imihlambi yabo.

izimvu

Abelusi babenomsebenzi obalulekile. Izimvu zazidinga ukudla, amanzi, nokuvikelwa ezingozini.

ingelosi

Kusenjalo, kwaqhamuka ingelosi!

“Ningesabi, ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokhoza okukhulu. … Ukuthi nizalelwe namuhla … uMsindisi, onguKristu iNkosi.”

ingelosi

Ingelosi yabatshela abelusi ukuthi bayothola umntwana embeswe ngendwangu, elele emkhombeni eBetlehema.

Ikwaya lezingelosi

Ikwaya lezingelosi lagcwalisa isibhakabhaka lahlanganyela nengelosi kudunyiswa uNkulunkulu.

“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”

abelusi

“Asihambe manje size sifike eBetlehema, sibone leyonto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.”

abelusi belandela inkanyezi

Abelusi abazange balinde. Lokhu kwakubaluleke kakhulu! “Bephuthuma bafika” eBetlehema.

abelusi emkhombeni

Abelusi bathola uJesu embeswe ngendwangu, elele emkhombeni, njengoba ingelosi yayishilo.

umntwana uJesu

Lona kwakunguMesiya owethenjisiwe owafika ukuba abe nguMsindisi noMhlengi womhlaba futhi asilethele injabulo yangempela!

abelusi

Abelusi bajabula kakhulu! Baxoxa ngalokho ababekuzwile nabakubonile.

“Uzelwe uMsindisi womhlaba!”

“UMesiya usefikile ekugcineni!”

insizwa ifunda imibhalo engcwele

Abelusi “bephuthuma bafika” kuJesu. Nawe ungakwenza lokhu!

Ungafunda Ngaye.

insizwa igunda utshani

Ungamsebenzela ngokusiza abanye.

owesifazane osemusha abelana ngeNcwadi kaMormoni nensizwa

Ungafakaza Ngaye.