Ngo-2023
Izindlela Ezine uJesu Kristu Akuqinisa Ngazo
NgoJanuwari 2023


“Izindlela Ezine uJesu Kristu Akuqinisa Ngazo,” Okwakha Intsha, ngoJanuwari 2023.

UMyalezo waNyanga zonke webhukwana elithi Okwakha Intsha ngoJanuwari 2023

Izindlela Ezine uJesu Kristu Akuqinisa Ngazo

Nginamandla okwenza konke ngoKristu.
KwabaseFilipi 4:13

Isithombe
isivivane

Emhlabeni wonke, amaKristu ayawujabulela lombhalo othi “Nginamandla okwenza konke Ngaye ongiqinisayo” (KwabaseFilipi 4:13).

Lapho abantu bezwa lokhu, abanye babo bacabanga ukuthi kusho ukuthi bangadlula kalula kukho konke ukuvivinywa, banqobe yonke imidlalo, futhi zonke izifiso zabo zifezeke. Kodwa-ke akusiyo imfundiso yalo mbhalo leyo.

Lo mbhalo wabhalwa nguMphostoli uPawulu ngesikhathi esejele. Njengesiboshwa, kwakukuningi uPawulu ayengakwazi ukukwenza, kodwa wayazi ukuthi uJesu Kristu wayengamqinisa ukuba enze lokho okwakubalulekile.

Lokhu kuyiqiniso nakuwe!

1 UKristu Ukuqinisa Ukuba Wazi

UJesu Kristu ukunike izindlela ezimbalwa ongazi ngazo okuliqiniso. Usifundise sonke ukuba sikhuleke njalo (bheka ku 3 Nefi 18:18) futhi sibuze ukuze sazi iqiniso (bheka ku uMoroni 10:4–5). Ungaphinde futhi ulazi iqiniso ngokufunda imibhalo engcwele.

Umkhuleko kanye nokufunda imibhalo engcwele kuletha uMoya empilweni yakho. UMoya ungakhuluma “engqondweni … nasenhliziyweni yakho” (IMfundiso neziVumelwano 8:2), “ugcwalise umoya wakho ngenjabulo,” futhi “ukhanyisele ingqondo yakho” (IMfundiso neziVumelwano 11:13).

Ngalezi zindlela, “ungamuzwa”––uzwe amazwi kaMsindisi futhi ulandele lokho Akushilo. UMongameli uRussell M. Nelson usifundise ukuthi lokhu “kuyisifanekiso sempumelelo, injabulo, nentokozo kule mpilo.”1

2 UKristu Ukuqinisa Ukuba Wenze

Amandla ayeza kuwe lapho uzama ukugcina imiyalelo futhi ukhetha ukwenza okulungileyo okuzokuholela ekuthuleni nasenjabulweni. UJesu Kristuuyakupha amandla ukuba ukwazi ukwenza lokhu ngisho noma kunzima ukuthatha lezo zinqumo. Kwesinye isikhathi kungenzeka uthathe isinqumo esingalungile. Ngenhlanhla, ngeNhlawulo kaMsindisi singakwazi ukuphenduka. Ngenxa kaJesu Kristu, ungahlanzeka futhi uthole injabulo. Angakuqinisa ukuba “wenze kangcono futhi ube ngcono”2 nsuku zonke.

3 UKristu Ukuqinisa Ukuba Unqobe

Lapho esejele, uPawulu wabhala ukuthi: “Ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani.

“Ngiyakwazi ukuba-phansi, ngiyakwazi nokubusa: kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe” (KwabaseFilipi 4:11–12).

Ngamanye amazwi, uPawulu wafunda ukuthi, ngoKristu, anganqoba futhi afunde kwizivivinyo nasebunzimeni bakhe. UJesu Kristu angakuqinisa ukuba nawe wenze okufanayo.

UMsindisi wezwa “ubuhlungu nezinkathazo nezilingo zalo lonke uhlobo.” Wathwala ubuthakathaka bethu ukuze “azi … ukuthi [e]ngabasiza kanjani abantu ba[khe] ngokobuthakathaka babo” (uAlima 7:11–12). Noma ngabe ubhekene naziphi izimo, uJesu Kristu angakuqinisa ukuba ukwazi ukubekezela futhi ufeze izinto obungeke ukwazi ukuzifeza ngokwakho.

4 UKristu Ukuqinisa Ukuba Ube utho

UJesu Kristu wenze ukuba ukuvuka kwabafileyo kube yiqiniso kithi sonke, futhi wenza ukuphila okuphakade kutholakale kulabo abaphendukayo, nabemukela izimiso ezibalulekile, nalabo abenza futhi bagcine izivumelwano ezihambisana nazo. Ngaphandle kukaKristu, besingeke sikwazi ukufeza lokho uBaba oseZulwini akufuna kakhulu––ukuba thina sifane Naye kanye neNdodana Yakhe, uJesu Kristu, futhi nokuba sihlale Nabo ingunaphakade.

Isithombe
UJesu Kristu

Ungaba njengoJesu Kristu lapho ufunda Ngaye, ukholwa futhi wethembela Kuye, futhi ulandela isibonelo Sakhe. Lokhu kungakuholela ekutheni uphile ngokholo olwengeziwe, ithemba, uthando, ukubekezela, ukuzithoba, ubumsulwa, kanye nokuhlonipha. Zonke lezi yizici zemvelo zikaMsindisi.

Lapho uzama ukumlandela uJesu Kristu, uzoba yithemba kanye nokukhanya kwakho okuzokuqondisa ukuze ube yikho konke Akwaziyo ukuthi ungaba yikho. Futhi, njengoPawulu, ungakwazi ukuthi “Nginamandla ukwenza konke ngaye uKristu ongiqinisayo.”

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. URussell M. Nelson, “Muzwe,” ngo-Ephreli. 2020 ingqungquthela yebandla lonke (i-Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2020, 89).

  2. Bheka inkulumo kaRussell M. Nelson, “We Can Do Better and Be Better,” ingqungquthela yebandla lonke yango-Ephreli 2019 (i-Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2019, 67).

Shicilela