Ngo-2023
Zanini Kuye
NgoMashi 2023


“Zanini Kuye,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoMashi 2023.

UMyalezo waNyanga zonke For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngoMashi 2023

Zanini Kuye

UMsindisi usimema ukuba sibeke imithwalo yethu Kuye.

Isithombe
UJesu Kristu

Umfanekiso wenziwe ngu–Annie Henrie Nader

Zanini kimi

Singeza kuMsindisi ngokufunda ivangeli Lakhe, sinokholo Kuye, siphenduka, senza futhi sigcina izivumelwano, kanye nangokulandela isibonelo Sakhe.

enikhatheleyo … nenisindwayo

Ukusebenza ngomzimba kanye nemithwalo esiyithwele ngemizimba kungasikhathaza, ngokunjalo futhi nemithwalo ngokwengqondo, ngokwemizwa, kanye nangokomoya. UMsindisi usipha ukuthula Kwakhe, kungakhathaliseki ukuthi nhloboni yemithwalo okungenzeka siyithwele.

ijoka

Ijoka yithuluzi lokubophela ndawonye izilwane ezimbili ukuze zikwazi ukudonsa ndawonye umthwalo, njengegeja noma inqola. Ijoka ngokwejwayelekile linogongolo lokhuni olubekwe kwisifumbu sehlombe lesilwane ngasinye, okwaba isisindo.

funda

Singafunda ngoJesu Kristu ngokutadisha izimfundiso Zakhe nesibonelo Sakhe––nangokuzama ukusilandela.

phumula

Ukuphumula kukaMsindisi ukuthula Kwakhe, okuthulisa imiqondo nemimoya yethu. Uyasisiza sinqobe izinkathazo zomhlaba futhi usinika amandla angokomoya lapho sizizwa sibuthakathaka.

alinzima … ulula

Ukubeka ijoka likaMsindisi phezu kwethu kusho ukuzibophela Kuye ngezivumelwano. Kusho ukunikela izinhliziyo zethu Kuye nasemsebenzini Wakhe. Lapho senza lokhu, imithwalo yethu izwakala ilula ngoba Uyasisiza.

Shicilela