Ngo-2023
Vulela uMoya oNgcwele Inhliziyo Yakho
Ngo-Ephreli 2023


“Vulela uMoya oNgcwele Inhliziyo Yakho,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngo-Ephreli 2023.

UMyalezo waNyanga zonke we bhukwana elithi For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngo-Ephreli 2023

Vulela uMoya oNgcwele Inhliziyo Yakho

Lomyalezo uvela enkulumweni yengqungquthela yebandla lonke yango-Ephreli 2018.

Ngalesi sikhathi sePhasika, ngibonga uBaba wethu oseZulwini ngesipho seNdodana Yakhe eThandekayo, eyeza ngokuzithandela emhlabeni ukuze ibe nguMhlengi wethu. Ngiyabonga ukwazi ukuthi Wahlawulela izono zethu futhi wavuka ngoVuko. Nsuku zonke ngiyabusiswa ngokwazi ukuthi, ngenxa yeNhlawulo Yakhe, ngelinye ilanga ngingavuka kwabafileyo ukuze ngiphile ingunaphakade emndenini onothando.

Ngiyazazi lezo zinto ngendlela okuyiyona kuphela noma ngubani kithi angazazi ngayo. UMoya oNgcwele ukhulume engqondweni nasenhliziyweni yami ukuthi ziyiqiniso—hhayi kanye nje kodwa kaningi.

Sinesethembiso esiyigugu soMoya oNgcwele njengomphelekezeli. Isibopho sethu ngukukhetha ukuvula izinhliziyo zethu ukuze sithole ukuqondiswa ngokomoya nenduduzo njalo ngoMoya oNgcwele impilo yonke.

Isithombe
imbali

Imifanekiso ngu-Emily E. Jones

Ukukhetha kokuqala ukuthobeka phambi kukaNkulunkulu.

Isithombe
izandla ezikhulekayo

Okwesibili ukukhuleka ngokukholwa eNkosini uJesu Kristu.

Isithombe
ikhampasi

Okwesithathu ukulalela ngokuyikho .

Isithombe
isimo senhliziyo

Futhi okwesine ukukhulekela ukwazi izidingo nezinhliziyo zabanye nokuthi ungabasiza kanjani wenzela iNkosi

Ngikhuleka ngenhliziyo yami yonke ukuthi uzolizwa izwi likaMoya, elithunyelwe kuwe ngomusa wokuphana. Futhi ngiyakhuleka ukuthi uzoyivula njalo inhliziyo yakho ukuze wamukele uMoya ukuze ube nenjabulo yokuba Naye njengomphelezeli wakho njalo.

Shicilela