Ngo-2023
iGetsemane
NgoJuni 2023


“iGetsemane,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngo-Epreli 2023.

Izindawo ezivela emiBhalweni eNgcwele

iGetsemane

Funda kabanzi ngendawo lapho uMsindisi aqala ukusizwela khona ubuhlungu.

Isithombe
isixhobo somhlwathi

Ngabe Ikhuphi Na?

Emehlelweni eNtaba yemiHlwathi, empumalanga neJerusalema (ngakwesokudla komfanekiso, lapho kukhona khona umuthi omkhulu).

Isithombe
Ibalazwe lezwe lase Jerusalema lasendulo

Umfanekiso webalazwe lezwe laseJerusalema wenziwe nguJim Madsen

Kwakukhona Ini Lapho Na?

Isixhobo semithi yomhlwathi futhi mhlawumbe nesikhamo sokuthola amafutha omhlwathi.

Isithombe
isikhamo somhlwathi

Ngabe Kwenzeka Ini Lapha Na?

Emva kweSidlo Sakusihlwa, uJesu Kristu kanye nabafundi Bakhe abayishumi nanye baya eGetsemane. Wabe eseya eceleni ukuyokhuleka wathatha uPetru, uJakobe, kanye noJohane ukuba babe Naye.

“Waqala ukubhocobala nokuba nosizi.” Wathi kubo, “umphefumolo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni” (NgokukaMakhu 14:33–34).

Wakhuleka ethi, “Baba, uma uthanda, yisuse kimi le ndebe, nokho kungabi ngokwentando yami, kube njengokuba kuthanda wena.

“Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.

“Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela: izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini” (NgokukaLuka 22:42–44).

Emva kokuba uMsindisi ezwe lobu buhlungu obukhulu, Wakhashelwa nguJudasi waphinde waboshwa yizikhulu zamaJuda nebutho lamasosha aseRoma.

Isithombe
uJesu Kristu eseGetsemane

iGetsemane, nguMichael T. Malm

Amanothi

  1. IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Getsemane.”

  2. Bheka inkulumo kaD. Todd Christofferson, ye ngqungquthela yebandla lonke ka-Okthoba 2016 (i-Ensign noma iLiyahona, kaNovemba 2016, 50).

Shicilela