Ngo-2023
Abafileyo Bazoma ngaphambi KwaNkulunkulu
NgoDisemba 2023


“Abafileyo Bazoma ngaphambi KwaNkulunkulu,” Okwakha Intsha, Dis. 2023.

Umyalezo wanyanga zonke wephephabhuku elithi Okwakha Intsha, NgoDisemba 2023

Abafileyo Bazoma ngaphambi KwaNkulunkulu

Kwisambulo sakhe, uJohane wabona Ukwahlulelwa Kokugcina.

Isithombe
UJesu Kristu

Uyeza Futhi Ukuzophatha futhi Abuse, nguMary Sauer

Abafileyo, abancane nabadala, bemi phambi kwaNkulunkulu

Amandla okuvuswa kukaJesu Kristu aletha bonke abantu ebukhoneni bukaNkulunkulu ukuba bazokwahlulelwa (bheka u-Alima 11:42–44; 33:22; 40:21; uHelamani 14:15–17; uMormoni 9:13–14).

izincwadi zavulwa

Lezi zincwadi zimelela imibhalo egciniwe emhlabeni yalokho abantu abakwenzayo emhlabeni ukulandela indlela yesivumelwano (bheka IMfundiso neziVumelwano 128:7).

incwadi yokuphila

“Ngomqondo othile iNcwadi Yokuphila iyingqikithi yemicabango nezenzo zomuntu—umbhalo wempilo yakhe. Nokho, imibhalo iphinde ibonise ukuthi umbhalo ogciniwe wasezulwini wabathembekile, ohlanganise namagama abo kanye nezindaba zezenzo zabo zokulunga” (IziHloko zeMibhalo eNgcwele, “Incwadi Yokuphila,” scriptures.ChurchofJesusChrist.org).

wahlulelwe

Ukwahlulelwa Kokugcina kuza ngemva kokuvuswa kwabantu. UJesu Kristu uyoba nguMahluleli womuntu ngamunye. Lesi sahlulelo siyonquma inkazimulo yaphakade umuntu ngamunye azoyithola. (Bheka IziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ukwahlulela, Okokugcina,” scriptures.ChurchofJesuChrist.org; u-Alima 41:3–5; IMfundiso neziVumelwano 88:26–32.)

kuya ngemisebenzi yabo

Umuntu ngamunye uzokwahlulelwa ngalokho akwenzile kanye nalokho ayekufisa (bheka IMfundiso neziVumelwano 137:9). Bayokwahlulelwa ngokuthi babeyilalela yini imiyalo kaNkulunkulu futhi benza ngokuvumelana nanoma yikuphi ukukhanya neqiniso ababelithola kulokhu kuphila.

Shicilela