For the Strength of Youth (Okwakha Intsha)
Ukukholelwa kuKristu Ngaphambi kokuba Abuye Futhi
Ngo-Ephreli 2024


Ukukholelwa kuKristu ngaphambi kokuba Abuye Futhi,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngo-Ephreli 2024.

UMyalezo waNyanga zonke we For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngo-Ephreli 2024

Jaromu

Ukukholelwa kuKristu ngaphambi kokuba Abuye Futhi

AmaNefi ayenokholo ngaphambi kokuba uMsindisi afike, nathi singaba nokholo ngaphambi kokuba Abuye futhi.

Isithombe
UJesu Kristu evakashela amaNefi

Wake wacabanga ukuthi kungaba njani ukukholelwa kuMsindisi ngaphambi kokuba eze emhlabeni? AmaNefi asendulo kwakufanele enze lokho kanye—”babheke phambili kuMesiya, futhi bakholwe kuye ozayo kube sengathi wayesekhona” (Jaromu 1:11).

Namuhla, sinemibhalo engcwele kanye neyomlando efakaza ukuthi uJesu Kristu waphila, wafa, wavuka futhi. Sikholelwa kuMsindisi osefikile. Kodwa futhi siyakholelwa kuMsindisi oyobuya futhi.

Ngaphambi kokuba uJesu Kristu Efike, amaNefi Ayenokholo Ku:

Isithombe
Inkosi uBenjamini kanye nomkakhe bekhuleka

Bathethelelwe izono zabo.

“Noma ngubani oyokholwa ukuthi uKristu uyokuza, yibo futhi labo abangathola ukuthethelwa kwezono zabo, futhi bathokoze ngokuthokoza okukhulu, kube sengathi usefikile vele phakathi kwabo” (Mosiya 3:13; kugcizelelwe).

Isithombe
U-Enoshe

Bazithethelele.

“Futhi kweza izwi kimi, lithi: Enoshe, izono zakho zithethelelwe. … Ngalokho-ke, icala lami laxolelwa. Futhi ngathi: Nkosi, kwenzeka kanjani na? Yathi kimi: Ngenxa yokholo lwakho kuKristu, ongakaze umuzwe nanini ngaphambili noma umbone. Futhi eminingi iminyaka iyodlula ngaphambi kokuthi aziveze enyameni; … ukholo lwakho lukusindisile” (Enoshe 1:5–8; kugcizelelwe).

Isithombe
U-Jakobe eshumayela

Yenza izimanga.

“Sasimazi uKristu, futhi sasinethemba lenkazimulo yakhe eminyakeni engamakhulu amaningi ngaphambi kokuza kwakhe. … Kangangokuthi ngempela singayala ngegama likaJesu futhi izihlahla zona kanye zisilalele, noma izintaba, noma amagagasi olwandle” (Jakobe 4:4, 6; kugcizelelwe).

Isithombe
UMoroni ebhala ezingcwepheni

Thola isambulo.

“Futhi kwakukhona abaningi ababenokholo olwaluqine kakhulu, ngisho anangaphambi kokuthi uKristu afike, ababengenakuvinjelwa ukuthi babone ngaphakathi kwesisitho, kepha ngempela ababona ngamehlo abo” (Etere 12:19; kugcizelelwe).

Ngaphambi Kokuba UJesu Kristu Abuye Futhi, Singaba Nokholo Ku:

Thethelelwa, sizixolele, senze izimangaliso, futhi sithole isambulo (njengamaNefi).

Isithombe
insizwa ecula esontweni

Sizilungiselela ukufika kwaKhe.

Njengoba silwela ukugcina izivumelwano zethu, silungiselela ukuhlala embusweni wesilestiyali. “Ngokuba bhekani, lempilo iyisikhathi sabantu ukuthi bazilungiselele ukuthi bahlangane noNkulunkulu; yebo, bhekani usuku lwalempilo luwusuku lwabantu ukuthi benze imisebenzi yabo” (Alima 34:32).

Isithombe
intsha phambi kwethempeli

Lungiselela izwe ukuza Kwakhe.

Simenywe nguMongameli uRussell M. Nelson ukuba sibe yingxenye “yomsebenzi omkhulu kunayo yonke emhlabeni”—ukuqoqwa kuka-Israyeli. “UBaba wethu oseZulwini ugcine imimoya Yakhe eminingi emihle kakhulu—mhlawumbe, ngingasho, ithimba Lakhe elihle kakhulu—kulesigaba sokugcina. Leyo mimoya emihle—labo badlali abaphambili, lawo maqhawe yinina!”1

Isithombe
ukwangana kwamantombazane

Yiba nethemba ngezikhathi ezinzima.

Lapho uMsindisi efika futhi, abalungileyo bayohlala ngokuthula. UMsindisi uzobusa, futhi ukungalungi kuyolungiswa. “Ngokuba iNkosi iyoba phakathi kwabo, futhi nenkazimulo yayo iyoba phezu kwabo, futhi iyoba yinkosi yabo nomnikimthetho wabo” (IMfundiso neziVumelwano 45:59).

Isithombe
intombazane

Thembela oVukweni.

Umuntu ngamunye wethu uyovuswa kwabafileyo. Siyoba nemizimba ephelele, engafi. Singakwazi futhi ukubona abantu esibathandayo asebadlula emhlabeni. “Umoya kanye nomzimba kuyohlanganiswa futhi kube sesimweni sakho esipheleleyo; izitho kanye namalunga kuyobuyiselwa ohlakeni lwakho oluyilo, ngisho njengoba sinje manje kulesi sikhathi” (Alima 11:43).

Isithombe
UJesu Kristu evela kumaNefi

AmaNefi asendulo ayekholelwa kuKristu ngaphambi kokuba afike. Singaba nokholo lokuthi uMsindisi uzofika futhi—uma “[sesi]mbona emafwini asezulwini, embathiswe amandla futhi nenkulu inkazimulo” (IMfundiso neziVumelwano 45:44; bheka futhi IZenzo 1:11). Ukwazi ukuthi uzobuya futhi kukuguqula kanjani ozokwenza namuhla?

Amanothi

  1. NguRussell M. Nelson, “Hope of Israel” (worldwide youth devotional, ngoJuni 3, 2018), Umtapo Wolwazi.

Shicilela