UMyalezo waNyanga Zonke webhukwana elithi For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngo-Agasti 2024
UbuDlelwano ObunaMandla
Isivumelwano singaphezulu kwemvumelwano; singubudlelwano.
Namanje ngisenaso isithombe sezihlalo iGosa uPistone neGosa uMorasco ababehlezi kuzo ngesikhathi befundisa umndeni wami ekhaya lethu e-Argentina. Babefundisa ngamandla amakhulu angokomoya kangangoba udadwethu owayeneminyaka eyi-10 ubudala kanye nami (ngiseneminyaka eyisi-9) sasigijima siyozithinta lezo zihlalo sebehambile, sinethemba lokuthi lawo mandla ayezosuleleka kithi.
Masinyane ngafunda ukuthi lawo mandla ayengaveli ezihlalweni kodwa ayevela kubudlelwano besivumelwano noNkulunkulu kanye noJesu Kristu.
Engakubona ngoMbhabhadiso Wami
Isivumelwano sami ngasenza okokuqala ngomhlaka 13 Novemba, 1977. Akukuningi engikukhumbulayo ngombhabhadiso wami, kodwa ngiyakhumbula iGosa uPistone engisiza ngingena emanzini kanye neGosa uMorasco engiqinisa ngesikhathi izinwele zami zisemanzi. Ngiyakhumbula futhi injabulo engayizwa lapho abangani bewadi benganga bengiqabula ngendlela yase-Argentina ngokunjalo nesifiso esikhulu sokuba ngibe yindodakazi ethembekileyo kaBaba oseZulwini.
Kamuva ngakuqonda ukuthi injabulo engayizwa yayivela kwisipho sikaMoya oyiNgcwele. Ngafunda ukuthi lapho ngigcina izivumelwano zami noNkulunkulu ngokwethembeka, uMoya wawuzoba nami. UMoya oNgcwele ungesinye nje isibusiso esinamandla esivela kubudlelwano besivumelwano noNkulunkulu kanye noJesu Kristu.
Manje, ngisho lapho izinhloso zami, imicabango yami, kanye nezenzo zami kwahluleka, nginethemba lokuqhubeka nokuzama. Kungani? Yingoba ukudla isidlo esingcwele kwenza ngikwazi ukuvuselela izivumelwano zami ngiphinde ngenze ezintsha isonto nesonto. Ngigcwele ukubonga ngaleso sibusiso.
Ubudlelwano Besivumelwano Obufudumele
Sivame ukuzwa ukuthi izivumelwano ziyizethembiso ezikabili phakathi kwethu noNkulunkulu. Nakuba lokho kuyiqiniso, lokhu akukona konke eziyikho. Empeleni, “ukugcina isivumelwano akukona ukuvumelana ngokuhwebelana okubandayo kodwa kuwubudlelwano obufudumele.”
Pho ubenza kanjani ubudlelwano besivumelwano noBaba oseZulwini noMsindisi na? Bavele bakuthanda ngokupheleleyo futhi bafuna ukukubusisa (bheka ku 3 Nefi 14:11). Kodwa-ke noma yibuphi ubudlelwano obukabili buthatha isikhathi nhlangothi zombili.
Ngabe uyafuna yini ukuchitha isikhathi Nabo? Uma wenza izinto abangazenza, uhamba Nabo! Lokho kungaba yinto elula njengokulalela umngani ngesikhathi sobunzima, ukwenza isikhathi sokudlala nozalwa naye, noma ukufaka phakathi lowo ozizwa eshiywe ngaphandle. Kamuva nje, ngichithe isikhathi ngihamba noNkulunkulu ngokuthumela imiyalezo kumngani e-Argentina obenomzwangedwa. Sengithathe nesinqumo sokugcina imvume yami yokungena ethempelini isebenza ukuze ngikwazi ukuchitha isikhathi neNkosi eNdlini Yayo engcwele. Ungawakhulekela amasu angakusiza uchithe isikhathi noBaba oseZulwini noMsindiso wakho.
Ngabe uyafuna yini ukubakhombisa ukuthi unendaba na? Phatha imiyalelo owenze isivumelwano sokuyigcina njengendlela yokukhombisa uthando lwakho, hhayi njengohla lwemithetho. Isibonelo, ukuze ngiliphile iZwi lokuHlakanipha, ngafunda ukuthi ngingakupheka kanjani ukudla okunempilo. Manje sengifundisa indodakazi yami ukuthi yenze okufanayo. Lapho uyigcina ngoba uthanda imiyalelo kaNkulunkulu, uthando lwakho Ngabo luzokhula.
Ubudlelwano bethu besivumelwano noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu buzosisiza sibazi kangcono futhi sifinyelele emandleni Abo ezimpilweni zethu––ngaphezulu ngokungenamkhawulo kunanoma yikuphi okungalethwa yizihlalo eziluhlaza. Futhi lawo mandla asishintsha naphakade!
© 2024 ngu Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Icindezelwe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly For the Strength of Youth Message, Augast 2024 Zulu. 19342 783