Ngo-2010
Izibusiso zeThempeli
Agasti 2010


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uAgasti 2010

Izibusiso zeThempeli

Ngisakhumbula futhi ngenkathi abazali bami bethatha umndeni wethu ukuya eThempelini lase Swiss elisha elaliqedwa kwakhiwa, elokuqala eYurophu, ukuba umndeni waphakade. Ngangineminyaka engu16 ngalesosikhathi futhi ngingomncane kubantwana abane. Saguqa sonke eAltare ukubasi sihlanganiswe emhlabeni ngamandla obupristi, nesithembiso esihle sokuthi singahlanganiswa ingunaphakade. Angisoze ngasikhohlwa lesikhathi esibaluleke kangaka.

Njengomfana ngajabula ukuthi sanqamula amazwe nemingcele ukuze sihlanganiswe njengomdeni. Kimina kuwuphawu lokubonisa indlela ithempeli lisebenza ngakhona linqamula imngcele yomhlaba ukuze lilethe izibusiso ezingunaphakade kubo bonke abahlali kulomhlaba. Amathempeli eBandla likaJesu Krestu Labangcwele Bezinsulu Zokugcina akhiwe ngempela ukuze wonke umhlaba uzuze, noma ngabe ungumhlobo muni, usiko, noma ukholelwa kupolitiki yiphi.

Amathempeli angufakazi obuqinile ukuthi ubuhle buzohlala njalo bukhona. uMongameli uGeorge Q. Cannon (1827–1901), Ikhansela lokuqala kubuMongameli Bokuqala, wathi ngesinye isikhathi, “Isisekelo setshe noma yisiphi esibekiwe kuthempeli, futhi ithempeli nethempeli eliphelile … lehlisa amandla kaSathane emhlabeni futhi likhulise amandla kaNkulunkulu kanye nobuNgcwele.”1

Ngenkathi ithempeli ngalinye likhulisa imfundiso yokulunga emhlabeni, isibusiso esikhulu, vele, siza kulabo nangempela abaya ethempelini. Lapho sathola ukukhanya okudlulele kanye nolwazi futhi nokuthi ilandelwe izosisa ukuba sihambe endleleni yabafundisi. Kafushane, ithempeli lisifundisa ngenjongo engcwele yokuphila futhi isisize ukuba sithole isimo somzimba wangaphandle nangokomoya.

Asiyi ethempelini ngokwethu kuphela, nomakunjalo. Njalo uma singena kulesakhiwo esingcwele, sidlala indima ngobungcwele, umsebenzi wokukhululwa kokusindiswa okwabe kukhona kubobonke abantwana bakaNkulunkulu ngenxa Yokuhlanjululwa kwalowo uBaba Othandiweyo Kuphela. Lona ngumsebenzi ongcwele futhi awuzifuneli futhi lowo ovumela thina esingabafayo ukuba sibeke induku ebandla emsebenzini omangazayo wokuba ngabasindisi eNtabeni yaseSiyoni.

Kulabo abangakwazi ukuya ethempelini manje ngenxa yesizathu noma yisiphi, Ngiyanikhuthaza ukuba nenze noma yini esemandleni enu ukuba nithole imvumo yokungena ethempelini. Imvumo yasethempelini nguphawu lokukholwa kwethu kanye nokuzimisela ukuba sisebenzele iNkosi. Kuwuphawu lothando lweNkosi yethu njengoba uJesu efundisa, “Lowo onemiyalelo yami, futhi ayigcine, nguyena ongithandayo: futhi nalowo othanda mina uzothandwa nguBaba, futhi Ngizakumthanda, futhi ngizibonakalise kuye” (uJohane 14:21).

Njengoba isiganga somhlaba siqhubeka siba sihle ngalamabhilidi angcwele angcweliswe eNkosini kungumthandazo wami ukuthi sikwenza okusemandleni ukuletha izulu duzane nomhlaba ngokuba sibe ngabalungileyo ukuphatha imvume yasethempelini futhi siyisebenzise. Njengoba senza njalo, ukulunga ngempela buzo kwanda hhayi kuphela ezimpilweni zethu kanye nase makhaya kepha emphakathini wethu futhi nasemhlabeni wonke.

Amanothi

  1. uGeorge Q. Cannon, e “Thempelini iLogan,” Millennial Star, Nov. 12, 1877, 743.

Ukufundisa okuvela kuloMlayezo

Abantu abaningi bafunda kangcono uma unikeza imibono ngokusebenzisa izinsiza ezibonakalayo kunokuba ukhulume nje (bona Ukufundisa, Akulona Ibizo Elikhulu [1999], 182). Ngenkathi ufundisa, cabanga ngokubonisa isithombe sethempeli. Emva kokufunda isiqeshana, xoxa ngokuthi kungani ithempeli libalulekile kuMongameli uUchtdorf. Mema abantwana abancane emndenini ukuba badwebe isithombe somndeni wabo ethempelini.

Ukufundisa, Akulona Ibizo Elikhulu kusho, “Gqugquzela labo obafundisayo ukuba bazibekele injongo eyodwa noma eziningi ezizo basiza ukuba baphile ngomthetho lowo obafundise wona.” (159). Cabanga ufunde ngomlayezo kaMongameli uUchtdorf kanye nomndeni futhi mema amalungu omndeni ukuba babhale phansi injongo yabo ezobasiza ukuba bahlale bephethe futhi basebenzise imvume yasethempelini.

Shicilela