Ngo-2010
Yandisa Ukholo kanye Nokulunga Kwakho
Agasti 2010


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uAgasti 2010

Yandisa Ukholo kanye Nokulunga Kwakho

Funda lomqulu, futhi ngokufanelekile xoxa nabodade obavakashelayo. Sebenzisa imibuzo ukusiza ngokukhulisa odade bakho futhi wenze Inhlangano Yabesimame Ekhululekile ibe yimpilo yakho nengxenye ephapheme.

Isithombe
Relief Society seal

Ukholo • uMndeni • Umsebenzi

Kusukela Ezincwadini Ezingcwele

iZaya 2:2–3; D&C 109:22–23; 110:8–10

Okumele Sibe Yikhona Ngukulunga ngokuDumisa iThempeli

“Imiyalelo esiyenzile kanye nemithetho esondeleyo esiyitholayo ethempelini ibayisitifiketi esiyimvumo phambi kukaNkulunkulu. Imiyalelo lena iyasikhulisa ngaphezu kwemigomo ebekiwe yamandla ethu nokubona. Senza imiyalo ukubonisa ukuzimisela kwethu ukwakha umbuso. Siba ngabantu bemiyalo njengoba sibekwa ngaphansi komyalelo kaNkulunkulu. Zonke izibusiso ezithenjisiwe ngezethu ngokuba nokholo kulemiyalelo. …

“Omame beBandla bangenzani ukuze bathole izibusiso zethempeli?

“Ngabaprofethi Bakhe, iNkosi imema labo abangakatholi izibusiso zethempeli benze noma yini okudingekayo ukuze balungele ukuthola zona. Umema labo abavele bethole lezibusiso ukuba babuye njalo njalo makwenzeka ukuze bajabule futhi bathole ulwazi ukukhulisa umbono wabo nokuqonda ngeplani Lakhe elingunaphakade.

“Masibe nokulunga ukuze sibe nemvume yasethempelini yamanje. Masiye ethempelini ukuyo hlanganiswa nemindeni yethu ingunaphakade. Masibuyele ethempelini masinyane uma kwenzeka kuvuma. Masinikeze izihlobo zethu ezingasekho ithuba lokuthola imigomo yokuphakamiswa. Masijabulele amandla angcwele kanye nesambulo esisitholile njengoba siya ethempelini njalo. Masibe ngabakholwayo futhi senze futhi sigcine imigomo yasethempelini ukuze sithole izibusiso eziphelele zokuhlawulelwa.”1

uSilvia H. Allred, ikhansela lokuqala kwiNhlangano Yomame Ekhululekileyo kubumongameli jikelele.

Kumlando Wethu

uMongameli uGordon B. Hinckley (1910–2008) wafundisa ukuthi Inhlangano Yomame Ekhululekileyo ikhuliswe ngodade ababenesifiso sokudumisa ethempelini:

“Ngenkathi kwakhiwa ithempeli laseKirtland omame babizwa ukuba bagaye ishayina yabo ukuba ibe yizingcezu ezincane ukuba ihlanganiswe neplasta esetshenziswa emabondeni ethempeli, engakwazi ukubamba ukukhanya kwelanga kanye nonyezi futhi ikhombise lokho kukhanya kuhlobise ukubukeka kwebhilidi.

“Ngalezo zikhathi, ngenkathi imali incane kepha ukholo lwaluningi, abasebenzi banika amandla abo kanye nalokho abangakusebezisa ekwakheni indlu yeNkosi. Omame babanikeza ukudla, okungcono kakhulu abakulungisa. uEdward W. Tullidge wabika ukuthi ngenkathi omame bethunga amaveyili ethempeli, uJoseph Smith, ebabhekile, wathi, ‘Yebo, bodade, njalo niyatholakala. Odade njalo bangabokuqala futhi baphambili kwimisebenzi yonke emihle. uMary waba ngowokuqala ekuvukeni, futhi odade manje bangabokuqala ukusebenza ngaphakathi ethempelini.’ …

“Futhi eNauvoo, ngenkathi ithempeli lakhiwa, omame abambalwa bahlangana ndawonye ukwenza amahembe benzela amadoda asebenzayo. Kwakungenxa yalezizimo ukuthi abangamashumi amabili kubona bahlangane ngoLwesine, 17 Mashi 1842, phezulu ekamelweni lesitolo likaMprofethi.”2 Ngakho-ke yaqala Inhlangano Yabesimame Ekhululekileyo.

Singenzenjani?

  1. Nginganikeza luphi usizo ukusiza odade wethu ukulungiselela futhi nokuya ethempelini?

  2. Ngingaba yisibonelo kanjani sokubonisa usiko lodade abaphambili abazinikelayo izimpilo zabo ukuze bathole izibusiso zethempeli?

  3. Ngingenza njani ukuzuza izibusiso zethempeli?

Amanothi

  1. uSilvia H. Allred, “Amathempeli Angcwele, Imigomo Engcwele,” iLiahona, Nov. 2008, 113, 114.

  2. uGordon B. Hinckley, “Ukuzimisela Ukwenza Okuhle,” Ensign, Mar. 1992, 2.

Shicilela