Ngo-2011
Umlando kanye neSiko lweNhlangano Yabesimame Yenkululeko
Januwari 2011


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uJanuari 2011

Umlando kanye neSiko lweNhlangano Yabesimame Yenkululeko

Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yomame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho.

Isithombe
Relief Society seal

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

uEliza R. Snow wakhumbula imfundiso kamProfethi uJoseph Smith ukuthi “noma-ke igama elithi [Inhlangano Yabesimame Yenkululeko] ingaba into yesimanjemanje, kepha inhlangano eyaqala kudala.”1

uBaba waseZulwini kanye neNdodana Yakhe, uJesu Krestu, bavakashela uJoseph Smith futhi, ngaye, wabuyisa ivangeli ngokuphelele emhlabeni. Inhlangano Yabesimame Ekhululekileyo yaba yingxenye yalokho kubuyiswa. Inhlangano yeBandla yayingaphelele kwaze kwahlanganiswa inhlangano yomama.2

Ezinyangeni ezizayo, uMlayezo ngamunye Wokuvakasha ngokufundisa uzonikeza ithuba lokuba sifunde kakhulu maqondana nomlando Wenhlangano Yabesimasme Yenkululeko kanye nengxenye yayo kwivangeli elibuyisiwe. Ngezizathu eziningi, ukuqonda ngomlando wethu akukona okubalulekile kuphela kepha kusemqoka.

Okokuqala, ukuqonda ngomlando wethu kukhuthaza thina ukuba sibe ngomame bakaNkulunkulu okumele sibe yibo. Ngokulandela izibonelo ezithobekile zomame bezinsuku Zokugcina, singafunda ngokwendlulile ukuthi singasibheka kanjani isikhathi esizayo.3

Okwesibili, umlando wethu usifundisa ukuthi umthetho lowo owawukhona kudala eBandleni ngumthetho wethu oyisisekelo namuhla. Lolwazi kanye nezinjongo zethu—ngokukhulisa ukholo nokulunga kumuntu, kuqinisa imindeni kanye namakhaya, futhi nokusiza labo abahluphekileyo—kudonsa ukuxhumana phakathi kwalokho okwakudala kanye nokwamanje.

Okwesithathu, njengoba sazisa ngomlando wethu, singabelana kangcono ngosiko lwethu olungcwele. uMongameli uHenry B. Eyring, Ukhansela Wokuqala kubuMongameli Bokuqala, wathi: “Udlulisa usiko njalo ngenkathi usiza abanye ukuthola isipho sothando. … Umlando Wenhlangano Yabesimame Yenkululeko ibhaliwe ngamagama kanye nezinombolo, kepha usiko ludluliselwa enhliziyweni kuye kwenye inhliziyo.”4

Ekugcineni, ukuqonda umlando wethu kuyasisiza ukwenza thina ukuba sibe yingxenye esemqoka yesikhathi esizayo Senhlangano Yabesimame Yenkululeko. uMongameli uSpencer W. Kimball (1895–1985) echaza, “Siyazi ukuthi omame abanogqozi ngalokho okwedlula bazophatheka kabi ngokulungisa ikusasa elilungileyo.”5

uJulie B. Beck, uMongameli Jikelele Wabesimame Benhlangano Yenkululeko.

Kuvela embhalweni Ongcwele

uEsther 9:28–29; KwabaseRoma 16:1–2; uAlma 37:8; uMoroni 7:45–47

Kuvela Emlandweni Wethu

“Inhlangano Yabesimame Yenkululeko inhlangano yeNkosi yabomama.”6 Kwindawo yakhe njengomprofethi, uJoseph Smith wahlanganisa Inhlangano YabesimameYenkululeko ngoMashi zingu 17, 1842. Iqoqwana elincane elahlukahlukene kulowo mhlangano wokuqala kwaku ngomama abazinikeleyo, njengoba kufana namuhla kodade Benhlangano Yabesimame Yenkululeko. “Ababesebancane kwaku yizintombi ezintathu, omdala, kwakungumama owayeneminyaka engamashumi amahlanu. Abayishumi nanye kubona abomame babeshadile, ababili bengabafelokazi, abayisithupha bengashadile, bese-ke oyedwa wabo wayengaziwa ukuthi isimo sakhe ngokomshado simi njani. Imfundo yabo kanye nemvelaphi yabo yayehluke kakhulu, njengoba kunjalo nangezindlela zasemnothweni. Ukwehluka kwabo kwakuzokwandiswa kaningi njengoba amalungu enhlangano eqhubeka ngokukhula, kepha babe njalo futhi babeqhubeka ngokuba munye.”7

Amanothi

  1. uEliza R. Snow, “Owesifazane Wenhlangano Yabesimame Ekhululekileyo,” Deseret News, Apr. 22, 1868, 81.

  2. Bona Izimfundiso zaboMongameli beBandla: uJoseph Smith (2007), 451.

  3. Bona uL. Tom Perry, “Indlela Yakudala Yokubhekana nekuSasa,” Liahona, Nov. 2009, 73–76.

  4. uHenry B. Eyring, “Ukubekezela isipho Esishiyiwe seNhlangano Yabesimame Yenkululeko,” Liahona, Nov. 2009, 124–25.

  5. uSpencer W. Kimball, “Amalungelo futhi Nemisebenzi yoDade ,” Ensign, Nov. 1978, 102.

  6. uSpencer W. Kimball, “Inhlangano Yabesimame Yenkululeko—Isithembiso sayo kanye Nekhono,” Ensign, Mar. 1976, 4.

  7. uJill Mulvay Derr, uJanath Russell Cannon, kanye noMaureen Ursenbach Beecher, Abomama Besivumelwano (1992), 28.

Shicilela