Ngo-2011
Ukufundisa kweSikhathi Sethu
Meyi 2011


Ukufundisa kweSikhathi Sethu

Izifundo ngeSonto lesine zobuPristi bukaMelkezediki kanye Nenhlangano Yabesimame Ekhululekileyo izonikezelwa ku “Ukufundiswa kweSikhathi Sethu.” Isifundo ngasinye singalungiselelwa ukusukela enkulumeni eyodwa noma eziningi ezinikeziwe eduzane nje kwinkomfa kawonke wonke. Omongameli beSteki nabesifunda bangakhetha ukuthi eziphi izinkulumo abangazisebenzisa izinkulumo noma bangakhetha ukunikeza obhishobhu kanye nabo mongameli begatsha. Abaholi kumele bagcizelele ubungakho babafowethu bobuPristi buka Melkhezediki kanye nabodade benhlango Yabesimame Ekhululekile ukuba bafunde izinkulumo ezifanayo ngamasonto afanayo.

Labo abeza ngeSonto lesine bakhuthazwa ukuba bafunde balethe eklasini umshicilelo wephepha bhuku wamuva nje wenkomfa kawonke wonke.

Iziboniso uma ulungiselela Isifundo esivela eZinkulumeni

Thandaza ukuthi uMoya Oyingcwele ube nawe ngenkathi ufunda futhi ufundisa (izi) nkulumo. Ungahle ulingeke ukulungiselela isifundo ngokusebenzisa ezinye izinto, kepha izinkulumo zenkomfa izifundo eziyinxenye yezimfundo ezikhethiwe ukuba zifundiswe. Umsebenzi wakho ngukusiza abanye bafunde futhi baphile ivangeli njengoba lifundiswa kwinkomfa kawonke wonke yamanje yeBandla.

Bukisisa izinkulumo, ubheke imithetho kanye nemfundiso yobuKrestu leyo ehlangabezana nezidingo zamalungu ekilasini. Futhi funa izinganekwane, ubheke imiboniso esemibhalweni engcwele kanye nezimfundiso ezivela kwi (zi) nkulumo zekomfa ezizokusiza ukufundisa lamaqiniso.

Ketha indlela leyo ozokufundisa ngayo imithetho kanye nezimfundiso zobukrestu. Indlela oyikhethile ukufundisa ngayo kufanele ibe nemibuzo ezosiza amalungu:

  • Bheka imithetho kanye nezimfundiso zobukrestu (ezi) nkulumeni.

  • Cabanga ngokuthi kusho ukuthini.

  • Yabelana ngemiqondo ezwakalayo, ngokwaziyo, kanye nobufakazi.

  • Basebenzise lemithetho kanye nemfundiso yobukrestu ezimpilweni zabo.

Izinyanga

Izinto Zesifundo Sesonto Lesine

uMeyi 2011–uOktoba 2011

Izinkulumo ezikhishwe ngoMeyi 2010 kwiLiahona*

uNovemba 2010–uApril 2011

Izinkulumo ezikhishwe ngoNovemba 2010 kwiLiahona*

Shicilela