Ngo-2011
Ngingathola izimpendulo ngeNkomfa Kawonke wonke
Septhemba 2011


Izingane

Ngingathola izimpendulo ngeNkomfa Kawonke wonke

uMongameli uUchtdorf usifundisa ukuthi uma ucabanga ngemibuzo eminye ngaphambi kwenkomfa kawonke wonke, iNkosi ingakhuluma nawe ngabaprofethi Bayo kanye nabapostoli ngesikhathi senkomfa.

  1. Njengomndeni noma iklasi, xoxa ngalokho ofuna ukukufunda uwedwa noma nabanye. (Isibonelo: Ngingakhulisa kanjani ubufakazi bami? Ngingaxazulula kanjani nenkinga enginayo esikoleni?) Engxenyeni yephepha noma kwijenali yakho, bhala phansi imibuzo.

  2. Emavikini angaphambili kwenkomfa, ungacabanga futhi uthandaze ngalemibuzo.

  3. Lalela ngokuqaphela ngesikhathi senkomfa (kungakusiza ukuba ubhale phansi amanothi). Bese ubhala ukuthi iNkosi—ngokwabaholi bebandla—iphendula kanjani imibuzo.

  4. Kwenye ingxenye yephepha, ungadweba isithombe sakho wenze lokho okufundile.

Shicilela