Ngo-2011
Kuhle, Kungcono, Kuhle kakhulu
Septhemba 2011


Intsha

Kuhle, Kungcono, Kuhle kakhulu

Enkulumeni yenkomfa kawonke wonke kaOktoba 2007, Igosa uDallin H. weKhoramu yabaPostoli Abayishumi Nambili wakhuluma ngemisebenzi “emihle, engcono futhi emihle kakhulu.” Uma efika kwingxenye lapho ukhuluma ethi “izingane ezinohlelo olumatasatasa kakhulu,” Nganyakaziswa amahloni esihlalweni sami.

Ngangazi ukuthi bangenza ngokweqile. Ngangisemidlalweni yesikole, ngithatha amaklasi anenselele esikolweni, futhi ngikhona nakweminye eminingi imisebenzi. Bengingasayi kwimisebenzi Yamantombazane ngokuthembeka, futhi njalo ngeSonto ngangixineka ngizama ukuqeda umsebenzi wasekhaya ngomzuzu wokugcina. Ukuvivinya umculo kanye nokushicilela iphephandaba lesikole kwakungalethi njabulo kimi kodwa sekungumsebenzi.

Inkulumo kaGosa uOaks yangenza ukuba ngibhekisise kahle uhlelo lwami. Imisebenzi yami yayimihle, kepha yayiminingi kakhulu yona. Kwakufanele ngikhethe okwakungcono ngempela. Njengoba ngangizama ukucabangisisa ukuthi yimiphi imsebenzi okufanele ngiyiyeke, ngabona ukuthi ivangeli likaJesu Krestu lalingcono liphambili kunozo zonke lezinto engangizenza. Ngabeka umthandazo kanye nokufunda umbhalo ongcwele phezulu kuluhla, futhi kusukela lapho, impilo yami yahamba bushelelezi kakhulu.

Igosa uOaks wangifundisa ukuthi uma senza lokho iNkosi ifuna sikwenze kuqala, konke okunye kuyohleleka kahle. Uma ngifunda imibhalo ngaphambili kokuba ngidlale imidlalo noma ngaphambi kokuba ngenze umsebenzi wasekhaya, konke okunye okubalulekile kuzo kwenzeka. Ngenkathi ngibeka impilo yami duzane neNkosi esikhundleni sokongeza Yena kamuva, impilo yami yanda ngoxolo kanye nempumelelo.

Manje sengiqaphele ukuba ngilalele izaluleko nikezwa kwinkomfa kawonke wonke!

Umboniso nguPaul Mann

Shicilela