Ngo-2012
‘Uvukile’—Ubufakazi bukaMprofethi
Apreli 2012


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uApril 2012

“Uvukile”

Ubufakazi bukaMprofethi

“Ubizo olunomsindo ozwakalayo lukaCristendom,” uMongameli uThomas S. Monson wamemezela, ukuthi uJesu waseNazarethe wavuka kwabafileyo. “Ukuvuka Kwabafileyo kwangempela kunikeza komunye kanye noxolo olungaphezu kokuqonda” (bona AbaseFiliphi 4:7).1

Kulezimo ezilandelayo, uMongameli uMonson wabelana nobufakazi bakhe bokubonga Ukuvuka Kwabafileyo boMsindisi futhi umemezela ukuthi ngokuba iNdodana yanqoba ukufa, bonke abantwana bakaBaba abeza kulomhlaba bazakuphila futhi.

Impilo emva Kokufa

Ngiyakholwa ukuthi akekho kithina ongacabanga ngokubaluleka okukhulu okwenziwa nguKrestu eGethsemane, kepha ngiyabonga ngazozonke izinsuku zempilo yami ngomnikelo wokuhlawulelwa Kwakhe.

“Esikhathini sokugcina, Wayengabuyela emuva. Kodwa Akazange. Wadlula kuzozonke izinto eziphansi ukuze Akwazi ukusindisa zonke izinto. Ekwenzeni kanjalo, Wasinikeza impilo edlula lena yokuphila ngokwenyama. Wasisindisa Ekuweni kuka Adamu.

“Ngaphakathi komphefumulo wami, Ngiyabonga Kuyena. Wasifundisa ukuthi kumele siphile kanjani. Wasifundisa ukuthi kumele sife kanjani. Wavikela insindiso yethu”2

Ukuxosha Ubumnyama boKufa

“Kwezinye izindawo, njengasekuhluphekeni kanye nasekuguleni, ukufa kuza njengengelosi yozwelo. Kepha esikhathini esiningi, sikucabanga njengesitha senjabulo kumuntu.

“Ubumnyama kokufa kungaxoshwa ukukhanya kweqiniso eliveziweyo. ‘Nginguvuko lwabafileyo, futhi nempilo,’ yakhuluma iNkosi. ‘Loyo okholwayo kimi, noma efile, nokho uzakuphila: Futhi loyo ophilayo futhi okholwayo kimi akasoze afe.’

“Lesisiqiniseko—yebo, ngisho nesiqiniseko esingcwele—sempilo ngaphambili kwengcwaba kungaletha ukuthula okwathenjiswa nguMsindisi ngenkathi Yena athembisa abalandeli Bakhe: ‘Ukuthula ngikushiya nani, ukuthula kwami ngikunikeza nina: hhayi njengomhlaba unikeza, Ngiyaninikezela kinina Izinhliziyo zenu mazingakhathazeki, noma zisabe.’”3

Akekho Lapha

“Umsindisi Wethu waphila futhi. Isehlakalo esikhulu kakhulu,esiduduzayo, futhi esithembisayo kuzozonke izehlakalo kumlando womuntu senzeka —ukunqoba ukufa. Ubuhlungu kanye nokuhlupheka kwaseGethsemane kanye neCalavari kwasuswa. Insindiso yomuntu yavikeleka. Ukuwa kukaAdamu kwabuyiswa.

“Ingcwaba elalingenalutho kuleloPhasika lokuqala ekuseni kwakuyimpendulo yombuzo kaJobe, ‘Uma umuntu efa, uzakuphinda aphile futhi?’ Kumsindo ophuma kwizi lami, Ngiyamemezela, Uma umuntu efa, uzakuphinda aphile futhi. Siyazi, ngokuba sinakho ukukhanya kweqiniso eliveziweyo. …

“Bafowethu kanye nodade bethu abathandekayo, kwihora lethu losizi olukhu, singathola ukuthula okujulile okuvela emagameni engelosi ekuseni baleyoPhasika yokuqala: ‘Akekho lapha: uvukile.’”4

Konke Kuzaphila Futhi

“Siyahleka, siyakhala, siyasebenza, siyadlala, siyathanda, siyaphila. Bese siyafa. …

“Futhi sizakufa kepha Indoda eyodwa futhi nenhloso Yayo, naye uJesu wase Nazarethe. …

“Ngayoyonke inhliziyo yami futhi nomfutho womphefumulo wami, Ngiphakamisa izwi lami kubufakazi njengofakazi obukhethekile ukuthi uNkulunkulu uyaphila. uJesu uyiNdodana Yakhe, Ezelwe yodwa yakaBaba ngokwenyama. UnguMsindisi wethu; Ungumahlukanisi wethu kanye noBaba. Loyo owafela esiphambanweni ukuhlawulelwa izono zethu. Waba izithelo zokuqala zokuVuka Kwabafileyo. Ngokuba Yena wafa, konke kuzakuphila futhi.”5

Ubufakazi Bami

“Ngimemezela ubufakazi bami ukuthi ukufa kunqontshiwe, impumelelo ngaphezulu kwethuna kubeyimpumelelo. Amagama enzwe abangcwele Nguye oyewawagcwalisa abe ulwazi lwangempela kubobonke. Wakhumbule. Wanakekele. Wahloniphe. Uvukile.6

Amanothi

  1. “Uvukile,” iLiahona, Apr. 2003, 7.

  2. “Ekuhlukaneni,” iLiahona, May 2011, 114.

  3. “Khona manje isikhathi,” iLiahona, Jan. 2002, 68; bona futhi uJohane 11:25–26; 14:27.

  4. “Uvukile,” iLiahona, uMeyi 2010, 89, 90; bona futhi uJobe 14:14; uMatewu 28:6.

  5. “Ngiyazi Ukuthi Umsindisi Wami Uyaphila” iLiahona, uMeyi 2007, 24, 25.

  6. iLiahona, Apr. 2003, 7.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Emva kokwabelana nezingcezu zenkulumo evela kumlayezo kaMongameli uMonson, naka ubufakazi lobo akubekayo ngenqondo eyiqiniso ngePhasika. Ungabuza amalunga omndeni lemibuzo elandelayo: “Kusho ukuthini kuwe ukuthi umprofethi ophilayo ubeke ubufakazi bakhe ngalamaqiniso namuhla? Ungawasebenzisa kanjani empilweni yakho?” Cabanga ngokungeza kubufakazi bakho.

Shicilela