Ngo-2012
Ukusebenza eThempeleni
Agasti 2012


Intsha

Ukusebenza eThempeleni

Ngenkathi ngino 17, ngaqala ngacabanga kanzulu ngekusasa lami, futhi ngathandaza kuBaba waseZulwini mayelana nokuthi ngingenzenjani ukuze ngizilungiselele ukuya kuMishini nokuthola ubuPristi bukaMelkhezedikhi. Ngazizwa ukuthi kumele ngiye ethempeleni njalonje ngoba kuyindlu yeNkosi futhi izokuba yindawo lapho ngingazizwa ngisondelene kuBaba wami waseZulwini.

Ngakho-ke ngabeka injongo yokwenza umbhabhadiso ongu 1,000 ngonyaka. Ngempela ngezwa kunesidingo sokubeka lenjongo ngazila ukuze ngazi ukuthi lokhu yikona okumele ngikwenze. uBaba wethu waseZulwini wangiphendula, ngase ngiqala ngiya eThempeleni laseTampico eMexico njalo ngoMgqibelo.

Emva kokuba ngenze imibhabhadiso engu 500, ngabeka injongo yokwenza ucwaningo ngomlando womndeni ngabokhokho bami, futhi ngangithanda kakhulu ukwenza ucwaningo kangangokuba angizange ngilale ngokuba ngangifunana namagama. Ngathola amagama angu 50 kanye nezizukulwane ezingu 8 ngomlando womndeni wami, ngasiza ukwenza umsebenzi wethempeli kuwo wonke umuntu.

Ngagcina sengenze ngaphezu kuka 1,300 wombhabhadiso, ngaphasa kuseminari, ngathola ubupristi bukaMelkhezediki, futhi manje ngisebenza njengomfundisi wezenkolo ophelelele, okukade kwingenye yezifiso zami ezinkulu empilweni.

Shicilela