Ngo-2012
Ukuphinda uthole uMoya kaKhisimusi
Disemba 2012


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uDisemba 2012

Ukuphinda uthole uMoya kaKhisimusi

Isithombe
uMongameli uThomas S. Monson.

Eminyakeni eyadlula ngiseyigosa elincane, Ngabizwa nabanye kwisibhedlela eSalt Lake City ukuba sinikezele ngezibusiso kwizingane ezigulayo. Ngenkathi singena, sabona isihlahla sikaKhisimusi esasicwebezela kanye nezibani ezihehayo futhi sabona imphahla eyayimbozwe ngokucophelele ngaphansi kwamagatsha aso avulekile. Sasesingena emahholweni lapho abafana kanye namantombazane—abanye bafakwe ukhonkolo engalweni noma emlenzeni, abanye benokugula lokho mhlawumbe obungeke balapheka kalula—besibingelele ngobuso obumoyizelayo.

Owayemusha, umfana omcane owayegula kakhulu wakhuluma nami, “Ngubani igama lakho?”

Ngamtshela igama lami, wase ebuza, “Uzonginikeza isibusiso?”

Isibusiso sanikezwa, ngenkathi siqala sishiya indawo lapho aye lele khona, wase ethi, “Ngiyabonga kakhulu.”

Sahamba izinyathelo ezimbalwa, ngase ngimuzwa ememeza, “Oh, Mfowethu Monson, iba nokhisimusi omuhle,” Kwase kuza ukumoyizela okukhulu okwavela ebusweni bakhe.

Loyo mfana wayenomoya kaKhisimusi. uMoya kaKhisimusi uyinto engithemba ukuthi sonke sizakuba nayo ezinhlizweni kanye nasezimpilweni zethu—hhayi kuphela kulesikhathi kepha futhi kuwowonke unyaka.

Uma sinomoya kaKhisimusi, sikhumbula Yena loyo ukuzalwa kwakhe esikugubayo kulesikhathi sonyaka: “Kini kuzalwe kulosuku edolobheni likaDavide uMsindisi, uKrestu oyiNkosi” (uLuka 2:11).

Ezinsukwini zethu umoya wokunikezela ngezipho udlala indima enkulu ekugubeni kwesikhathi sikaKhisimusi. Ngiyacabanga ukuba singahle sizuze ngokuzibuza thina, Yiziphi izipho iNkosi engafuna mina ngizinikeze Yena noma abanye ngalesikhathi esihle salonyaka?

Ngicabanga ukuthi uBaba wethu waseZulwini angafisa omunye nomunye wethu ukuba anikeze Yena kanye neNdodana Yakhe isipho sokulalela. Futhi ngicabanga ukuthi uzakusicela ukuba sisize abanye futhi singazicabangeli thina noma sibe ngamagovu noma sixabane, njengoba iNdodana Yakhe ibonisa eNcwadini kaMomoni.

“Ngokuba ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini, yena lowo onomoya wokubanga akayena owami, kepha ungokadeveli, lowo …, futhi yena uphehla izinhliziyo zabantu ukuthi zibange ulaka, omunye nomunye.

“Behold, this is not my doctrine, to stir up the hearts of men with anger, one against another; but this is my doctrine, that such things should be done away” (3 uNifayi 11:29–30).

Kuloluhlelo oluhle lwempatho ngokugcwaliseka kwezikathi, amathuba ethu wokuba sithande futhi sisize abanye awapheli neze, kepha futhi ayafa. Namuhla kunezinhliziyo ezingajabuliswa, amazwi anomusa, imisebenzi ezoyenziwa, kanye nemiphefumulo ezosindiswa.

Loyo owayelindele ukuza komoya kaKhisimusi wabhala:

NginguMoya kaKhisimusi—

Ngingena ekhaya elimpofu, ngenze izingane eziphaphathekileyo ebusweni ukuba zivule amehlo azo kakhulu, ngokujabula okumangazayo.

Ngenza isandla esivalekile somuntu ozicabangelayo yedwa sivuleke futhi ngipende ibala elikhanya kakhulu emphefumulweni wakhe.

Ngenza abasebakhulile ukuba bavuselele ubusha babo futhi bahleke ngendlela enenjabulo yakudala.

Ngigcina uthando liphilile ezinhlizweni zempilo yengane, futhi ngikhanyise ubuthongo ngamaphupho amahle.

Ngenza izinyawo eziyimisele ukuba zithole usizo, ngishiye izinhliziyo emuva zimangele ngobuhle bomhlaba.

Ngenza umuntu ophila budedengu ukuba amise kancane ezindleleni ezingalungile, futhi ngithumele into kulabo abalindele ngamehlo abomvu ezokhipha izinyembezi ezinenjabulo—izinyembezi ezisusa imigqa eqinile yobuhlungu.

Ngingena emajele amnyama, ngikhumbuze abanovalo abangamadoda lokho okungahle futhi kubhekise phambili ezinsukwini ezinhle ezizakuvela.

Ngiza kancane ngokuthula, kwikhaya lobuhlungu, futhi nezindebe lezo ezingenamandla ukuba zikhulume zivele zitatazele ngokuthula, ngokubonga okunamndla.

Ngezindlela eziyinkulungwane, Ngenza umhlaba okhathele ukuba ubheke ebusweni bukaNkulunkulu, bese ngesikhashana bakhohlwe izinto lezo ezincane futhi ezinosizi.

NginguMoya kaKhisimusi.1

Make siphinde sithole umoya omusha kaKhisimusi—kanye noMoya kaKrestu.

Amanothi

  1. E. C. Baird, “Christmas Spirit,” in James S. Hewitt, ed., Illustrations Unlimited (1988), 81.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Njengoba wabelana ngomlayezo kaMongameli uMonson kanye nomndeni, cabanga ngokugcizelela umbuzo awubuza mayelana nezipho iNkosi engafisa siyinikeze zona noma abanye kulesikhathi. Gqugquzela amalungu emindeni ukuba abhale phansi imicabango kanye nemiqondo yabo (noma, izingane ezincane, ukuba zidwebe isithombe) mayelana ”nokuthola umoya omusha kaKhisimusi—kanye noMoya kaKrestu.”

Shicilela