Ngo-2013
Ukulalela Ukugqugquzelwa
Januwari 2013


Intsha

Ukulalela Ukugqugquzelwa

Ngobunye ubusuku umzala wami wabaleka ekhaya, ngase ngiphangisa ngiyomcinga. Ngenkathi ngishayela, Ngathandaza ukuba uMoya ongcwele ungisize. Ngangazi ukuthi uNkulunkulu uzangiphendula futhi angihole, futhi ngazama ukulalela ukugqugquzelwa nguMoya ongcwele. Kepha ngenkathi ngingezwa lutho, ngazizwa ngiphelela ithemba futhi ngezwa ukuthi uMoya wawungangigqugquzeli.

Noma-ke ngangifuna ukuyaphambili ngokucinga, ngazizwa ukuthi kumele ngihlale endaweni eseduzane nekhaya likamzala wami. Ngase ngicabanga ukuba ngishayele eduzane kwendawo futhi. Uma ngima empambanamgwaqo, ngabona isithunzi sentombazana encane ihamba. Ngimtholile umzala wami!

Njengoba ngiphuma enqolweni futhi ngimgijimela, ngabona ukuthi uMoya ukade ungihola sonke lesikhathi ngokusiza mina ngizwe ukuthi kumele ngihlale endaweni eyodwa. Ngoba ngangilalele izwi elithulile, ngacishe ngangalaleli ukugqugquzelwa nguMoya. Khona manjalo ngazizwa ukuthi esikhathini esiningi angeke sizwe, kepha sizwa imibono ezinhlizweni zethu.

Ngabonga ngokuholwa nguMoya. Kuyiqiniso uhlala ekhona njalo! Njengoba imibhalo engcwele isho, “uMoya oNgcwele uzohlala ungumngane wakho” (D&C 121:46).

Uma silungele ukuholwa nguMoya futhi silalelisa kahle, sizoba amathulusi ezandleni zikaNkulunkulu ukuba senze okulungile kubantu abaningi. Kanye noMoya owumngane ohlezi njalo unawe, sizakuyazi indlela okumele siyihambe.

Shicilela