Ngo-2013
Izwi leNkosi
Januwari 2013


uMlayezo Wokuqala WobuMongameli, Januwari 2013

Izwi le Nkosi

Isithombe
NguMongameli uHenry B. Eyring

Imfundiso kanye Nezivumelwano simema bonke abantu kuyonke indawo ukuba bezwe izwi leNkosi uJesu Krestu (bona D&C 1:2, 4, 11, 34; 25:16). Ligcwele imiyalezo Yakhe, izixwayiso, kanye nokugqugquzela okunamandla okunikezwe ngesambulo kubaprofethi abakhethiwe. Kulezambulelo sabona ukuba uNkulunkulu uphendula kanjani imithandazo yethu yokholo kanye nemilayezo enomyalo, uxolo, kanye nesixwayiso.

Emithandazweni yethu sifuna ukwazi ukuthi uNkulunkulu angafuna senzeni thina, kumele senzeni ukuze sithole uxolo kanye nenjabulo kulempilo futhi nakwezayo, futhi nokuthi kusiphatheleni ngaphambili kwethu. Imfundiso kanye Nezivumelwano igcwele izimphendulo yalemimbuzo enjena ebuzwa ngabantu abajwayelekile kanye nabaprofethi kumthandazo ozothile. Ingaba indlela ekhombayo eyigugu yokufundisa thina ukuba sikwazi ukuthola izimpendulo zalemibuzo mayelana nempilo yethu yasemhlabeni kanye nensindiso engunaphakade.

Ukuzithoba kanye nokholo eNkosini uJesu Krestu kuyisikhiye. uOliver Cowdery wathola impendulo evela eNkosini mayelana nesifiso sakhe sokusiza ukuhumusha iNcwadi kaMomoni: “ Khumbula ukuthi ngaphandle kokholo angeke wenze lutho; ngakho-ke cela ngokholo. Ungazithathi kalula lezinto; ungaceli lokho ongamele ukuba ukucele” (D&C 8:10).

Ngokuphindaphinda kwiMfundiso kanye Nezivumelwano, iNkosi ifuna ukholo kanye nokuzithoba ngaphambi kokuba anikeze usizo Lwakhe. Enye yezizathu ngalokhu ukuthi izimpendulo Zakhe ngahle zingezi ngendlela esiyilindele. Futhi angeke zahlala ngasosonke isikhathi zilula ukuba sizamukele.

Umlando weBandla kanye nezimfundiso zabokhokho bethu zikhombisa lesenzo sangempela. Ukhokho wami uHenry Eyring wathandaza ngokuzimisela ukuba azi ukuthi kumele enzeni ngenkathi ezwa ivangeli elabuyiswa lifundiswa ngo1855. Impendula yeza ngephupho.

Waphupha ukuthi wayehlezi etafuleni kanye neGosa Erastus Snow weKhoramu Yabapostoli Beshumi Nambili kanye negosa elalibizwa ngokuthiwa uWilliam Brown. iGosa uSnow wafundisa imithetho yevangeli isikhathi esabukeka ngathi ihora. iGosa uSnow wasethi, “Egameni likaJesu Krestu ngikuyala ukuba ubhabhadiswe futhi lendoda [iGosa uBrown] … uzakubhabhadisa.”1 Umndeni wami ujabulile kakhulu ukuthi uHenry Eyring wayenokholo futhi nokuzithoba ukuba abhabhadiswe ngo 7:30 ekuseni emfuleni wamanzi emvula eSt Louis, Missouri, USA, ngu Gosa uBrown.

Impendulo yomthandazo wakhe azange ize ngezwi elizwakala kalula elivela eNkosini. Yeza njengesibonakaliso kanye nephupho ebusuku, njengoba kwenzeka kuLehi (bona 1 Nifayi 8:2).

iNkosi yasifundisa ukuthi izimpendulo zingaphinda zize njengemizwa. Kwimfundiso kanye Nezivumelwano, Wafundisa uOliver Cowdery, “Qaphela, Ngizakutshela enqondweni yakho futhi nasenhlizweni yakho, ngo Moya oNgcwele, ozakuza phezu kwakho futhi uhlale enhlizweni yakho” (D&C 8:2).

Futhi wagqugquzela uOliver ngalendlela: “Ngikhulume ngoxolo engqondweni yakho mayelana naloludaba na? Ubufakazi obungakanani ongabuthola ukwedlula lobo obuvela kuNkulunkulu?” (D&C 63:23).

Imfundiso kanye Nezivumelwano, umlando weBandla, kanye nomlando owagcinwa ngu Henry Eyring kumsebenzi wakhe wobufundisi emva nje kokubhabhadiswa kwakhe kwafundisa mina ukuba izimpendulo zingezwakala njengezixwayiso futhi nangoxolo.

Ku April 1857, iGosa uParley P. Pratt weKhoramu labaPostoli Beshumi Nambili waya kwinhlangano eyaziwa njengamanje ngokuthiwa yiOklahoma, eUSA. uHenry Eyring wabhala phansi ukuthi ingqondo yeGosa uPatt yayigcwele imicabango eyayidabukisa … , eyayinzima ukwehlukanisa ikusasa noma enye indlela yokubaleka.”2 uHenry wabhala phansi izindaba ezidabukisayo masishane emva nje kokubulawa kwabaPostoli. iGosa uPratt waqhubeka ngohambo lwakhe ngaphandle kokucabanga ngobungozi, njengoba uMprofethi enza ngokuhamba eya eCarthage.

Kungubufakazi bami ukuthi iNkosi njalo iphendula imithandazo ezothileyo yokholo. Imfundiso kanye Nezivumelwano kanye nezifundo zethu zisifundisa ukuba singazibona kanjani lezompendulo futhi sizamukele ngokholo, noma zingabe ziqondile, ziqinisekisa iqiniso, noma ziyisixwayiso. Ngiyathandaza ukuthi njalo singalalela futhi sibone izwi elinothando leNkosi.

Amanothi

  1. “The Journal of Henry Eyring: 1835–1902” (umbhalo ongakhishiwe ugcinwe umbhali wawo).

  2. “The Journal of Henry Eyring: 1835–1902.”

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

1. Cabanga ngokufunda ndawonye izigaba mayelana nomthandazo kulomlayezo. Njengoba ufunda, buza amalungu omndeni ukuba alalele ngokucophelele ukuba uNkulunkulu uphendula kanjani imithandazo. Cabanga ngokubeka ubufakazi bakho ngokubaluleka komthandazo.

2. Imfundiso kanye Nezivumelwano igcwele izimpendulo yalemibuzo ebuzwa ngabantu ngomthandazo. Kungabanjani uma lezimpendulo zalemibuzo yabo (izambulo) azange zibhalwe phansi? Gqugquzela umndeni ukuba ufunde ukwazi ukubona kanye nokulandela imiyalo woMoya. Bangafuna ukubhala phansi imicabango yabo mayelana nomthandazo kwijenali yabo.

Shicilela