Ngo-2013
Ukuvuselela
Mashi 2013


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uMashi 2013

Ukuvuselela

Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya kuwww.reliefsociety.lds.org.

Ukholo, Umndeni, Inkululeko

Umprofethi wethu, uMongameli uThomas S. Monson, usigqugquzelile ukuba “sifinyelele kulabo abadinga usizo lwethu futhi sibaphakamisele endleleni ephezulu futhi endleleni engcono. Khumbula ukuthi lona ngumsebenzi weNkosi, futhi uma sesithunywe iNkosi, sivumelekile ukuba sisizwe yiNkosi.1

Eminyakeni eminingi eyadlulayo uLaVene Call kanye nomngane wokufundisa ngokuvakasha bavakashela omunye udade owayengasezi enkonzweni. Bangqongqoza emnyango futhi bathola umama owayesemusha embhathe ingubo yakhe yokugeza. Wayebukeka engaphilile, kepha bathole kamuva ukuthi inkinga yakhe kwakuwuphuzo oludakayo. Abothisha ngokuvakasha bahlala futhi bakhuluma kanye nomama osemusha owayehluphekile.

Emva kokuba bahambe, bathi, “Ungumntwana kaNkulunkulu. Sinomsebenzi wokuba simsize.” Base bevakasha njalo. Njalo, babebona futhi bezwa ushintsho oluhle. Bacela udade ukuba azohlanganyela kwiNhlangano Yabesimame Yenkululeko. Noma wayengabaza, ekugcineni wahlanganyela njalo. Emva kokugqugquzelwa, yena kanye nomyeni wakhe kanye nendodakazi beza ebandleni. Umyeni wezwa uMoya Ongcwele. Wathi, “Ngizoyenza lokho ubhishobhu akushoyo.” Manje bahlala beya njalo eBandleni futhi bahlanganisiwe ethempelini.2

Kuvela Embhalweni Ongcwele

3 uNifayi 18:32; Imfundiso kanyeNezivumelwano 84:106; 138:56

Kuvela Emlandweni Wethu

Ukusiza labo abalahlekile ukuba babuyele evangelini likaJesu Krestu solokhu kuhlezi kuyingxenye yokuba Ngongcwele wezinsuku-Zokugcina kanye nelungu leNhlangano Yabesimame Yenkululeko. uMongameli uBrigham Young (1801–77) wathi, Make sibenozwelo komunye nomunye, …futhi sivumele labo abakwazi ukubona bahole abayizimpumputhe kuze kufike lapho bekwazi ukuzibonela indlela ngokwabo.”3

uEliza R. Snow, umongameli jikelele wesibili Wenhlangano Yabesimame Yenkululeko,uyabonga ngokubona imizamo yodade abaseOgden, Utah, USA, ukuba baqinise omunye nomunye wabo. “Ngiyazi kahle kamhlophe ukuthi isivumelwano esikhulu sinikeziwe [mayelana nomsebenzi] lowo ongeke ufinyelele [kumarekhodi] ezincwadini,” wakhuluma. Kepha ukubona ukuthi irekhodi lasezulwini ligciniwe lomsebenzi wabodade njengoba basiza labo izinhliziyo zabo zingafudumele, wakhuluma: “uMongameli uJoseph Smith wathi lenhlangano yahlanganiswa ukuze kusindiswe imphefumulo. … Enye yezincwadi igciniwe ngokholo lwakho, ubungane bakho, imisebenzi emihle yakho, kanye namazwi. … Ayikho into elahlwayo.”4

Amanothi

  1. uThomas S. Monson, “The Sacred Call of Service,” Liahona, May 2005, 55, 56.

  2. Incwadi ebhalelwe obomongameli jikilele beNhlangano Yabesimame Yenkululeko evela kwindodakazi kaLaVene Call.

  3. uBrigham Young, kwi Daughters in My Kingdom: The History and Work of Relief Society (2011), 107.

  4. uEliza R. Snow, kwi Daughters in My Kingdom, 83.

Ngingenzenjani?

  1. Nginaso yini isibindi sokucela udade ongasanawo umfutho wokuya ebandleni ukuba ahlanganyele nami kwiNhlangano Yabesimame Yenkululeko na?

  2. Odade engibanakekelayo bakhululekile yini ukuba bangakwazi ukungibuza imibuzo ngevangeli na?

Shicilela