Ngo-2013
Uvukile
Apreli 2013


Umlayezo WobuMongameli Bokuqala, uApril 2013

Uvukile

Isithombe
NguMongameli uHenry B. Eyring

Ubufakazi bangempela Lovuko lwabafileyo lukaJesu Kristu kuyisiqalo esinethemba kanye nokuzimisela. Futhi kungaba njalo kuwowonke umntwana kaNkulunkulu. Kwakunjalo kimi ngosuku lwasehlobo ngoJuni ka1969 ngesikhathi umama wami eshona, kuhlezi kunjalo kuyoyonke iminyaka edlulile, futhi kuzakuba njalo kuzekufike lapho ngizombona futhi.

Ubuhlungu obuvela ekwahlukanisweni kwesikhashana kwasuswa ngokuphazima kweso kwangena injabulo. Kwakungaphezu kwethemba lokujabula ngokuhlangana. Ngenxa yokuba iNkosi yembulile okuningi ngabaprofethi Bakhe futhi ngenxa yoMoya oNgcwele uqinisekisile iqiniso Lovuko lwabafileyo kimina, ngiyabona engqondweni yami ukuba kuzakuba kanjani ukuhlanganiswa futhi kanye nabahlanziweyo bethu kanye nabavukile kwabafileyo bethu abathandekayo:

“Laba yilaba abazokusondela phambili kuvuko lwabafileyo lwabalungileyo. …

“Laba yilaba amagama abo abhalwe ezulwini, lapho uNkulunkulu kanye noKrestu bangabahluleli bawonke umuntu.

“Laba bangalabo abangamadoda alungileyo enziwe ngokupheleleyo nguKrestu ongumkhululi wesivumelwano esisha, owabhala lokuhlwawulelwa okupheleleyo ngokuchitheka kwegazi lakhe” (D&C 76:65, 68–69).

Ngokuba uJesu Krestu wanqoba ukufa, bonke abantwana bakaBaba waseZulwini abazalwe kulomhlaba bazakuvuka kwabafileyo benomzimba ongeke waphinde wafa. Ngakho-ke ubufakazi bami kanye nobakho ngaleloqiniso elingcwele bungasusa ubuhlungu baloyo osesishiyile oyilungu lomndeni othandekayo noma umngane bese bufaka esikhundleni salokho injabulo yokulangazelela kanye nokuzimisela okuqinileyo.

INkosi isinikeze sonke isipho sokuvuka kwabafileyo, lapho imimoya yethu izakuhlanganiswa kanye nemizimba engeke yasoze yafa (bona uAlma 11:42–44). Umama wami uzakubukeka emusha futhi ejabulile, ukuguga ngenxa yeminyaka yakhe kanye nokuhlupheka iminyaka ngokomzimba kuzakususwa. Lokho kuzakuza kuye futhi nakithi njengesipho.

Kepha labo abethu abafisa ukuba naye ingunaphakade kumele benze ukhetho ukuba bavumeleke ukuba bahlangane naye, ukuba baphile lapho uBaba kanye neNdodana yakhe Ethandekayo eyavuka kwabafileyo ehlala khona kwinkazimulo. Lapho okuyindawo kuphela impilo yomndeni ingaqhubeka khona ingunaphakade. Ubufakazi balelo qiniso buphakamise ukuzimisela kwami ukuba ngivumeleke kanye nalabo engibathandayo ekuphakameni okuphezulu kakhulu kombuso ngenxa yokuHlawulelwa kukaKristu okusebenzayo ezimpelweni zethu (bona D&C 76:70).

INkosi isinikeza indlela ekhombayo ekufuneni impilo yangunaphakade emthandazweni yesidlo seNkosi leyo esiza mina futhi ingasiza nawe. Siyamenywa ukuba sivuselele izivumelwano zethu zokubhabhadiswa kuyoyonke imihlangano yesidlo seNkosi.

Siyathembisa ukuba sizokhumbula uMsindisi. Izimpawu zokuzinikela kwakhe zisiza thina ukuba sijabulele ubukhulu bendleko ayikhokha ekunqobeni ukufa, ekukhombiseni uzwelo, kanye nokusixolela izono zonke zethu uma sikhetha ukuguquka.

Sithembisa ukuba sizogcina imiyalelo Yakhe. Ukufunda imibhalo engcwele kanye namazwi wabaprofethi abaphilayo kanye nokulalela abakhulumi abagqugquzelisayo enhlanganweni yethu yesidlo seNkosi kusikhumbuza ngezivumelwano zethu ukuba senze njalo. Umoya oNgcwele uletha ezingqondweni kanye nasezinhlizweni zethu imiyalelo leyo ekudingeke kakhulu ukuba siyigcine kulolosuku.

Emthandazweni wesidlo seNkosi, uNkulunkulu uthembisa ukuba uzoletha uMoya oNgcwele ukuba ube nathi (bona uMoroni 4:3; 5:2; D&C 20:77, 79). Ngitholile ngalesosikhashana ukuthi uNkulunkulu anganginikeza lokho okuzwakala sengathi inkulumo evela kuyena. Uyangazisa lokho engikwenzile ukuthi kuyamjabulisa, isifiso sami sokuba ngiguquke futhi ngixolele, kanye namagama futhi nobuso balabo bantu azofisa ukuba ngibasize ngokusebenzela Yena.

Eminyakeni edlulile, leyo mfundiso ephindaphindekile ephendule ithemba laba imizwa yozwelo futhi yaletha isiqiniseko sokuthi uzwelo lwalunikeziwe kimi ngokuHlawulelwa kanye Novuko lwabafileyo lukaMsindisi.

Ngibeka ubufakazi ukuthi uJesu unguKristu ovukileyo, uMsindisi wethu, kanye nesibonelo sethu esiphelele futhi uyindlela ekhombisa impilo yangunaphakade.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Kumele “siqhathanise wonke umbhalo ongcwele kanye nathi, ukuze sithole inzuzo kanye nemfundo” (1 uNifayi 19:23). Cabanga ngokufunda imithandazo yesidlo seNkosi, etholakala Kwimfundiso kanye Nezivumelwano 20:76–79. Emva kokufunda izimfundiso zikaMongameli uEyring ngemithandazo yesidlo seNkosi, ungamema labo obafundisayo ukuba bacabange ngezindlela lemikhuleko ingabahola ezimpilweni zabo futhi ibasize bakwazi futhi ukubuyela ukuyophila kanye noBaba waseZulwini futhi noJesu Kristu.

Shicilela