Ngo-2013
Izivumelwano zeThempeli
Apreli 2013


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uApril 2013

Izivumelwano zeThempeli

Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya ku www.reliefsociety.lds.org..

Isithombe
Isivalo Senhlangano Yabesimame Yenkululeko

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

“Bayaqonda ukuthi imithetho esindisayo etholakala ethempelini esivumelayo ukuthi ngelinye ilanga sibuyele kuBaba wethu waseZulwini kubuhlobo bomndeni baphakade futhi ubusiswe ngezibusiso zasethempelini kanye namandla avela phezulu afanele inani lokuzinikela kwethu kanye nemizamo yethu konke”.1 wakhuluma uMongameli uThomas S. Monson. Uma ungazange uye ethempelini, ungazilungiselela ukuthola izimiso zethempeli ezingcwele ngoku:

  • Kholelwa kuBaba waseZulwini, uJesu Krestu, kanye noMoya oNgcwele.

  • Khulisa ubufakazi ngokuHlawulelwa kukaJesu Krestu kanye nevangeli elibuyisiwe.

  • Sisekele futhi silandele umprofethi ophilayo.

  • Sivumeleke ukuthola igunya lokungena ethempelini ngokukhokha okweshumi, sihlanzeke ngokuziphatha, sithembeke, sigcine Izwi leNhlakanipho, futhi sivumelane kanye nezimfundiso zeBandla.

  • Sinikezele ngesikhathi, amathalenthe, futhi nezindlela zokusiza ukwakha umbuso weNkosi.

  • Ukuzibandakanya ngomsebenzi womlando womndeni.2

Umongameli uMonson waqhubeka wafundisa, “Njengoba sikhumbula izivumelwano esizenzayo phakathi [ethempelini], sizokwazi ukumelana nobunzima futhi sikwazi nokunqoba izilingo ngasinye.3

Kuvela embhalweni Ongcwele

Imfundiso kanye Nezivumelwano 14:7; 25:13; 109:22

Kuvela Emlandweni Wethu

“Abangcwele abangaphezulu kuka 5,000 bahlanganyela eThempelini laseNauvoo emva kokubusiswa kwalo. …

Umfutho, amandla, kanye nezibusiso zezivumelwano zethempeli [zisekelwe] ngabaNgcwele Bezinsuku-zokugcina ngesikhathi lohambo lwabo [entshonalanga], ngenkathi be [hlupheka] ngokugodola,ukushisa, indlala, ubumpofu, ukugula, izingozi, kanye nokufa.4

Njengabaningi odade Benhlangano Yabesimame Yenkululeko, uSarah Rich wasebenza njengomsebenzi wasethempelini. Wakhuluma ngesifundo sakhe: “Uma kungazange kube ukholo kanye nolwazi olwanikezwa thina kulelothempeli ngu … uMoya weNkosi, uhambo lwethu beluzawufana nokuthi sithathe umsebenzi esingazi ukuba sizowenza kanjani. … Kepha sibenokholo kuBaba wethu waseZulwini, …sizwa ukuthi besingabakhethiwe Bakhe … , futhi kunokuba sidumale, sazizwa ukuthi sijabulela usuku lwethu lwenkululeko olwaluselufikile.”5

Uhambo lwakhe azange lube “umsebenzi ongaziwa ukuba uzawenziwa kanjani” kulona owayenokholo owesifazane Ongcwele wezinsuku Zokugcina. Zasekelwa ngezivumelwano zazo zethempeli.

Amanothi

  1. uThomas S. Monson, “The Holy Temple—a Beacon to the World,” Liahona, uMeyi 2011, 92.

  2. Bona Daughters in My Kingdom: The History and Work of Relief Society (2011), 21.

  3. uThomas S. Monson, Liahona, uMeyi 2011, 93.

  4. Daughters in My Kingdom, 29–30.

  5. uSarah Rich, in Daughters in My Kingdom, 30.

Ngingenzenjani?

  1. Ngiyakhonza ethempelini njalo na?

  2. Ngiyagqugquzela yini odade ukuba bathole izibusiso zethempeli na?

Shicilela