Ngo-2013
Umhlaba Udinga Amaphayoniya Namuhla
Julayi 2013


WobuMongameli Bokuqala, kaJulayi 2013

Umhlaba udinga Amaphayoniya Namuhla

Isithombe
Umongameli uThomas S. Monson.

Abaningi, indlela yamaphayoniya ngo1847 ayizange iqale eNauvoo, Kirtland, Kude neNtshonalanga, noma eNew York, kepha eNgilande ekude, eScotland, eScandinavia, noma eJalimani. Izingane ezincane azange zikwazi ukuqonda ngokupheleleyo ukholo olunamandla olwagqugquzela abazali babo ukuba bashiye emuva umndeni, Abangane, ukunethezeka, kanye nokukhuseleleka.

Ingane encane ingahle ibuze, Mama. Yingani sihamba sishiya ikhaya? Siyakuphi?

”Woza sihambe, wena oyigugu; siya eZayoni, edolobheni likaNkulunkulu wethu.”

Phakathi kokukhuseleleka kwekhaya kanye nesithembiso seZayoni kume amanzi anentukuthelo futhi angathembekile weAtlantikhi enkulu. Ubani ongakhumbula uvalo olwaba senhliziweni yomuntu ngenkathi benqamula ngobungozi? Ngokugqugquzelelwa nguMoya ongcwele othulile, nokusekelwa ngokholo olulula kepha oluqinile, lawo maphayoniya angabaNgcwele bathembela kuNkulunkulu futhi baqala uhambo lwabo ngemikhumbi.

Bagcina sebefikile eNauvoo kodwa baphinde baqala uhambo futhi bahlangabezana nobunzima endleleni. Amatshe wamangcwaba wezihlakaniphi kanye namathuna abekiswe ngamatshe kuyonke indlela esuka eNauvoo ukuya eSalt Lake City. Okwakuyinani abanye abangamaphayoniya abalikhokhela. Imizimba yabo ingcwatshwe ngoxolo, kepha amagama abo ayophila ingunaphakade.

Izinqola zamahhashi zazihamba kanzima, amasondo wezinqola zamahhashi ebanga umsindo, amadoda anesibindi ajuluka, izigubhu zezimpi zikhala, Kepha amaphayoniya awayegqugquzelwa ukholo futhi abaababehamba phakathi kwesiphepho baqhubeka ngokuhamba. Esikhathini esiningi bahlabelela:

Woza, woza, wena Ongcwele, ungasabi ubunzima bomsebenzi futhi ungasabi umsebenzi;

Kepha ngenjabulo vula indlela yakho.

Noma lendlela ingabukeka inzima kuwe,

Umusa uzakuba njengosuku lwakho. …

Konke kulungile! Konke kulungile!1

Lamaphayoniya akhumbula amazwi weNkosi: “Abantu bami kumele balolongwe kuzozonke izinto, ukuze bakwazi ukuzilungiselela ukuthola inkazimulo leyo Mina engiyiphethele bona, kanye nenkazimulo yaseZayoni.”2

Indlela yesikhathi yenza ukuthi ukukhumbula kwethu kungabonakali kahle futhi kunciphisa ukubonga labo abahamba lendlela yobuhlungu, bashiya uphawu lenyembezi endleleni yamangcwaba angenamagama. Kepha izivivinyo zanamuhla zona? Azikho na izindlela ezinamatshe ezizohanjwa, azikho na izintaba ezinamagquma azogitshelwa, amawa azoyeqwa, izindlela ezizohanjwa kanzima, imifula ezonqanyulwa na? Noma kukhona isidingo samanje saleyo mimoya yamaphayoniya wokuba usihole ezingozini lezo ezisisabisa ngokusizungeza futhi usiholele endaweni yeZayoni ekhuselekile na?

Eminyakeni eminingi kusukela ekupheleni kweMpi yoMhlaba II, imigangatho yesimilo yehlile futhi. Ubugebengu kuyanda kuyaphezulu; ukuziphatha kahle ngokwesimilo kuyehla. Abaningi basenkingeni enkulu, bafuna injabulo yesikhashana ngesikhathi bezincisha injabulo yangunaphakade. Bese sihlukana noxolo.

Siyakhohlwa ukuba amaGrikhi kanye nabaseRoma baphumelela ngesihle emhlabeni wobudlanga futhi lokuphumelela kwenzeka kanjani—ukuba nokuzotha kanye nokuthula ekugcineni kwabanqoba ekumoshakaleni kwabo. Ekugcineni, ngaphezu kokufuna kwabo inkululeko, babefuna ukukhuseleleka kanye nokunethezeka empilweni; futhi baphucwa konke—ukunethezeka kanye nokukhuseleleka futhi nenkululeko.

Ungavumeli uSathane akulinge; kepha, qina umele iqiniso. Ukufisa okunganeliseki komphefumulo akusoze kwagcwaliseka ngokufuna injabulo engapheli eletha imizwa ejabulisayo. Okuphansi akusoze kwaletha okusezingeni eliphakeme. Inzondo ayisoze yaphakamisa uthando. Ubugwala akusoze kwaletha isibindi. Ukungabaza akusoze kwagqugquzelisa ukholo.

Abannye bathola ubunzima ukumelana nokuphawula kwabantu abangahloniphi futhi nezinkulumo ezingalungile zabantu abayiziphukuphuku abahlekisa ngokuya ocansini bengashadile, ukuthembeka, kanye nokulalela imiyalelo kaNkulunkulu. Kepha umhlaba uthathe kancane ukugcina lomyalelo. Ngenkathi uNowa eyalwe ukuba akhe umkhumbi, abantu abayiziphukuku babuka kwisibhakabhaka esinganawo amafu futhi behleka—kwaze kwafika imvula.

Kudingekile ukuba sifunde isifundo ngokuphindaphindekile na? Izikhathi ziyashintsha, kepha iqiniso lihlala linjalo. Uma sihluleka ukuzuza ezimfundisweni ezadlulayo, sizoqhubeka siziphinde ngakhokonke ubuhlungu bazo, ukuhlupheka, kanye nobuhlungu. Asinakho ukuhlakanipha wokumlalela Yena owazi isiqalo kanye nesiphetho—iNkosi yethu, owakha iplani lensindiso—ngaphandle komuntu loyo, ozonda lobuhle bayo?

Incwadi echaza amagama ichaza iphayoniya njengo “muntu ohamba kuqala ayolungisa noma avule indlela abanye ukuba bayilandele.”3 Singakwazi ngandlela thize siqonde kabanzi isibindi kanye nokuzimisela ngokwempela injongo echaza amaphayoniya wesizukulwane esadlulayo? Mina kanye nawe, empeleni, singaba ngamaphayoniya na?

Ngiyazi ukuba singakwazi. Oh, umhlaba ngendlela odinga amaphoyoniya ngawo namuhla!

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Imibhalo engcwele ichaza ukuthi abothisha ngokuvakasha kumele “bayale, bachaze, bagqugquzele, futhi bafundise, baphinde bameme bonke beze uKristu” (D&C 20:59). Cabanga ngokuveza imiyalo kanye nezimemo ezikhona kumlayezo kaMongameli uMonson kulabo obavakashelayo. Ungahle ufune ukuxoxisana nabo ngezindlela ezibonisa futhi ezilandela izibonelo ezilungilelo, gwema ukukhohlisa, futhi ufunde ngamaphutha enzwa ngabanye. Buza labo obafundisayo ukuba bangaba kanjani amaphayoniya namuhla?

Shicilela