Ngo-2013
Inhlalakahle
Agasti 2013


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uAgasti 2013

Inhlalakahle

Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxisana ngayo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya kuwww.reliefsociety.lds.org.

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

Injongo yenhlalakahle yeBandla ukuba kusizakale amalungu ukuba akwazi ukuzimela ngokwabo, ukunakekela labo abampofu futhi nabaswele, kanye nokusebenza ngokusiza. Inhlalakahle iphakathi komsebenzi weNhlangano Yabesimame Yenkululeko. UMongameli uHenry B. Eyring, Ikhansela Lokuqala kuboMongameli Bokuqala, wafundisa:

“[iNkosi] kusukela ekuqaleni kwesikhathi yaletha izindlela zokusiza izinceku Zayo. Uye wamema abantwana Bakhe ukuba banikele ngesikhathi sabo, ngalokho abanakho futhi basebenzisane Naye ukusiza abanye. …

Umemile futhi wasiyala thina ukuthi sabelane emsebenzini wakhe ukuphakamisa labo abahluphekileyo. Senze isivumelwane ukwenza lokhu emanzini wokubhabhadisa futhi nasemathempelini angcwele kaNkulunkulu. Sivuselela isivumelwano ngeSonto ngenkathi samukela isidlo seNkosi.1

Ngaphansi kokuholwa ngubhishobhu noma umongameli wegatsha, abaholi bendawo basiza ngokwenhlalakahle yangomoya ongcwele kanye neyasemhlabeni. Amathuba wokusebenza ngokusiza avamise ukuqala kubothisha bokuvakasha labo abafuna ugqozu lokwazi ukuba bangasiza kanjani mayelana nezidingo zabo dade ababavakashelayo.

Kuvela Embhalweni Ongcwele

uLuka 10:25–37; uJames 1:27; uMozaya 4:26; 18:8–11; Imfundiso kanye Nezivumelwano 104:18

Kuvela Emlandweni Wethu

Ngomhlaka 9 June, 1842, uMprofethi uJoseph Smith wayala abodade kwiNhlangano Yabesimame Yenkululeko ukuba “basize abampofu” futhi nokuba “basindise imphefumulo.”2 Lezinhloso zibalulekile kwiNhlangano Yabesimame Yenkululeko futhi ziyakhonjiswa kwisisho sethu, “Uzwelo Alusoze Lwahluleka” (1 AbaseKhorinte 13:8).

UMongameli Jikelele weNhlangano Yabesimame Yenkululeko wethu wesihlanu, uEmmeline B. Wells, kanye namakhansela wakhe basungula lesisho ngo 1913 njengesikhumbuzo semithetho yokuqala: “Siyamemezela ukuthi kuwumsebenzi wethu ukuba … [gcine] kakhulu imfundiso ka Mprophethi uJoseph Smith ngenkathi eveza iplani lokuba abesifazane bazakuthuthukiswa ngokusetshenziswa kobupristi ukuba bahlangane babe yinhlangano efanelekile ngenjongo yokusiza abagulayo, basize abasweleyo, baduduze asebagugile, bayale abanobuthakathaka, basize abashonelwe.”3

Namuhla Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ifinyelela kuwowonke umhlaba njengoba odade bakhulisa uzwelo, uthando oluphelele lukaKrestu, kubomakhelwane babo (bona uMoroni 7:46–47).

Amanothi

  1. uHenry B. Eyring, “Opportunities to Do Good,” Liahona kanye Ensign, May 2011, 22.

  2. Joseph Fielding Smith, in Daughters in My Kingdom: The History and Work of Relief Society (2011), 97.

  3. Daughters in My Kingdom, 63.

Ngingenzenjani?

  1. Ngizilungiselele kanjani ukuba ngizinakelele mina kanye nomndeni wami ngokomoya ongcwele kanye nokwasemhlabeni?

  2. Ngingalandela kanjani isibonelo sikaMsindisi njengoba ngizama ukuhlangabezana nezidingo zodade engibavakashelayo?

Shicilela