Ngo-2013
Umsebenzi wethu ukuba Sizize
Okthoba 2013


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uOkthoba 2013

Umsebenzi wethu ukuba Sisize

Isithombe
Umongameli uThomas S. Monson.

KubaNgcwele Bezinsuku-zokugcina, isidingo sokusiza abafowethu kanye nodade bethu, ngesizathu esithize, baphambukile endleleni yomsebenzi weBandla kuwukubaluleka okungunaphakade okukhulu. Siyabazi yini abantu abanjalo abaye balithanda ivangeli na? Uma kunjalo, uyini umsebenzi wethu ukuze sibasize?

Cabanga ngalabo abalahlekile asebakhulile, abafelokazi, kanye nabagulayo. Esikhathini esiningi batholakala endaweni eyomile futhi ehlane elichelile elime lilodwa elibizwa ngokuthiwa indawo ozithola uwedwa. Ngenkathi abasebasha behamba, ngenkathi isimo sempilo sibabuthakathaka, ngenkathi amandla ancipha, ngenkathi ukukhanya kwethemba kuncipha kancane kancane, bangakhuselwa futhi baxhaswe ngesandla leso esisizayo kanye nenhliziyo enozwelo.

Bakhona, ngempela, abanye abadinga usizo. Abanye bahlupheke ngesono ngenkathi abanye bazithola benovalo noma benozwelo kwabanye noma bengenandaba. Noma yisiphi isizathu, bazichelelanisile kanye nomsebenzi eBandleni. Bazakuhlala belahlekile ngempela ngaphandle kokuthi kunabathatha izinyathelo kithi — amalungu eBandla aqinileyo—anentshisakalo yokusiza futhi asindise.

Umuntu Ozangibonisa Indlela

Esikhathini esadlulayo ngathola incwadi eyabhalwa indoda ebeseyidukile eBandleni. Iqukethe amalungu ethu amaningi kakhulu. Emva kokuba achaze ukuba kungani ayekele ukungasezi ebandleni, wabhala:

“Nganginokuningi kepha manje nginokuncane. Angijabulile futhi ngizizwa sengathi ngiyehluleka kuzozonke izinto. Ivangeli azange liphume enhlizweni yami, noma-ke lingasekho empilweni yami. Ngicela imikhuleko yakho.

“Ngicela ungakhohlwa thina esilapha ngaphandle—abaNgcwele Bezinsuku-zokugcina abadukileyo. Ngiyazi ukuba iBandla likuphi, kepha ngesinye isikhathi ngicabanga ukuthi ngidinga omunye umuntu ukuba anagibonise indlela, angigqugquzele, asuse uvalo kimi, futhi abeke ubufakazi bakhe kimi.

Ngenkathi ngifunda lencwadi, ngakhumbula ngiyovakasha kwenye yezindawo zobuciko enkulu yomhlaba—iMeseum edumile kaVictoria kanye noAlbert eLondon, eNgilandi. Lapho, kunomfanekiso omuhle kakhulu owapendwa ngo 1831 ngu Joseph Mallord William Turner. Umfanekiso ubonisa amafu amnyama asindayo kanye nolaka lolwandle olubonisa ingozi futhi nokufa. Ukukhanya okuchwebezelayo okubonakala kude esikebheni esime sodwa. Ngaphambili, kunesikebhe sokusindisa izimpilo esiphakamiswe amagagasi azayo angamanzi anogwebu. Indoda yadonsa ngamandla insimbi yokuhambisa isikhebhe sokusindisa impilo njengoba isikebhe sokusindisa abantu singena kwisiphepho. Kusebe kume owesifazane kanye nezingane ezimbili, banethwe imvula futhi beshaywa ngumoya. Babuka ulwandle ngokukhathazekile. Enqondweni yami nganciphisa igama lomfanekiso. Kimi kwaba Wukusiza.1

Phakathi kwesivunguvungu sempilo, kunobungozi. Amadoda kanye nabesifazane, abafana kanye namantobazane bazithola belahlekile futhi bedudekile. Ngubani ozakululeka izikebhe zokusiza imphefumulo, bashiye amakhaya abo anethezekile kanye nemindeni yabo, futhi bahambe ukuyosiza na?

Umsebenzi wethu awusoze wangenzeki. Siseduzane neNkosi; sivumelekile ukuba sithole usizo Lwakhe.

Ngenkathi iNksosi ifundisa, yabiza abadwebi zinhlanzi ukuba bashiye amanethi abo futhi bamlandele, ememezela, “Ngizakunenza abadobi zinhlazi babantu.”2 Singajoyina imisebenzi yabadobi zinhlanzi bangamadoda kanye nabesifazane, ukuze sikwazi ukunikezela noma ngosizo luphi.

Umsebenzi wethu ukuba sikwazi ukufinyelela sisize labo abashiye umsebezi wokuphepha, ukuze labo bakwazi ukulethwa etafuleni leNkosi ukuze bathole izwi Lakhe, ukuba bajabulele ukubanobudlelwane kanye noMoya Wakhe oNgcwele, futhi bangabi ngabantu abangaziwa noma abangaphandle, kepha babe ngabahlala ndawonye kanye nabaNgcwele, futhi babe ngabasendlini eyodwa kanye noNkulunkulu.3

Umthetho woThando

Ngathola ukuba kunombangela obaluleke kakhulu mayelana nokubuyela kumsebenzi kanye nokushintsha kwezimilo, amasiko, kanye nezenzo. Okokuqala, umuntu uyabuyela ngenxa yokuba omunye umuntu ubonise ithemba elangunphakade futhi usize bakwazi ukuba bafinyelele kulo. Abangaqinile kahle abasoze bahlala benabile ngobubi uma bebona ukuthi ubuhle buseduzane nabo.

Okwesibili, abanye bayabuya ngenxa yokuba ababathandayo noma abanye abangcwele abantu abakhonza kanye nabo” balandele imfundiso yoMsindisi, bathande omakhelwane babo njengoba bazithanda nabo,4 futhi basize abanye ukuba amaphupho abo afezeke kanye nenjongo yabo ifezeke.

Umgqugquzeli kulomsebenzi uhlezi enjalo—futhi kuyohlala kunjalo—umthetho wothando.

Emqgondweni wangempela, labo bantu abahluphekile kwisiphetho solwandle somdwebo kaTurner bangabaningi abangamalungu ethu angasaqinile abalindele ukusizwa yilabo abashayela isikebhe sokusindisa impilo. Izinhliziyo zabo zikhanukela usizo. Omama kanye noBaba bakhulekela amadodana kanye namadodakazi abo. Amakhosikazi acela ezulwini ukuthi sengathi amadoda abo angatholakala. Ngesinye isikhathi izingane zikhulekela abazali bazo.

Kungumkhuleko wami sengathi singaba nesifiso sokuba sisize labo abangaqinile futhi sibabuyisele kwinjabulo yevangeli likaJesu Kristu, ukuze bakwazi ukuthabatha kanye nathi konke lokho okuphathelene kanye nokukhonza.

Make sifinyelele ekusizeni labo abalahlekile abaseduzane nathi: abasebakhulile, abashonelwe, abagulayo, labo abangakhoni ukuzenzela, abangaqinile kahle, kanye nalabo abangagcini imiyalelo. Make silule isandla kubona leso esisizayo futhi nenhliziyo eyazi uzwelo. Ngokwenza njalo, sizakuletha injabulo ezinhlizweni zethu, futhi sizakuzwa ukuneliseka okuphakeme esibuzwa uma sisiza omunye umuntu endleleni eya kwimpilo engunaphakade.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Cabanga ngokubuza abantu labo obavakashelayo uma bayazi umuntu okunzima kuyena ukungasezi ebandleni. Ungakhetha umuntu oyedwa futhi nixoxisane ngezindlela zokubonisa uthando, ezifana nokuba umeme yena ukuba eze kumhlangano womndeni wangomsombuluko noma eze ukuzodla isidlo.

Shicilela