Ngo-2013
Ukufundisa kweSikhathi Sethu
Novemba 2013


Ukufundisa kweSikhathi Sethu

Izifundo ngeSonto lesine zobuPristi bukaMelkhezediki kanye Nenhlangano Yabesimame Yenkululeko izonikezelwa ku “Ukufundiswa kweSikhathi Sethu.” Isifundo ngasinye singalungiselelwa ukusukela enkulumeni eyodwa noma eziningi ezinikeziwe eduzane nje kwinkomfa kawonkewonke. Omongameli beSteki nabesifunda bangakhetha ukuthi eziphi izinkulumo abangazisebenzisa, noma bangakhetha ukunikeza obhishobhu kanye nabomongameli begatsha umsebenzi. Abaholi kumele bagcizelele ubungakho babafowethu bobuPristi buka Melkhezediki kanye nabodade Benhlango Yabesimame Yenkululeko ukuba bafunde izinkulumo ezifanayo ngamasonto afanayo.

Labo abeza ngeSonto lesine bakhuthazwa ukuba bafunde balethe ekilasini umshicilelo wephepha bhuku wamuva nje wenkomfa kawonke wonke.

Iziboniso uma ulungiselela Isifundo esivela eZinkulumweni

Khulekela ukuthi uMoya Oyingcwele ube nawe ngenkathi ufunda futhi ufundisa (izi) inkulumo. Ungahle ulingeke ukulungiselela isifundo ngokusebenzisa ezinye izinto, kepha izinkulumo zenkomfa izifundo eziyinxenye yezimfundo ezikhethiwe ukuba zifundiswe. Umsebenzi wakho ukusiza abanye bafunde futhi baphile ivangeli njengoba lifundiswe kwinkomfa kawonke wonke yamuva nje yeBandla.

Bukisisa izinkulumo, ubheke imithetho kanye nemfundiso yobuKrestu leyo ehlangabezana nezidingo zamalungu ekilasini. Futhi funa izinganekwane, ubheke imiboniso esemibhalweni engcwele kanye nezimfundiso ezivela kwi (izi) nkulumo zekomfa ezizokusiza ukuba ufundise lamaqiniso.

Ketha indlela leyo ozokufundisa ngayo imithetho kanye nezimfundiso zobukrestu. Cabanga ngemibuzo ezosiza amalungu ekilasi:

  • Bheka imithetho kanye nezimfundiso zobukristu (ezi)enkulumeni.

  • Cabanga ngokuthi zisho ukuthini.

  • Yabelana ngemiqondo ezwakalayo, ngokwaziyo, kanye nobufakazi.

  • Sebenzisa lemithetho kanye nemfundiso yobukristu ezimpilweni zabo.

Izifundo Zezinyanga Ziyafundiswa

Izinto Zesifundo Sesonto Lesine

uOkthoba 2013–uApril 2014

Izinkulumo ezinikeziwe kwinkomfa kawonkewonke kaOkthoba 2013*

uApril 2014–uOkthoba 2014

Izinkulumo ezinikeziwe kwinkomfa kawonkewonke kaApril 2014*

  • KuApril kanye noOkthoba izifundo ezine-zangesonto, (izi) inkulumo zingakhethwa kwinkomfa edlulile noma yamuva nje. Lezi zinkulumo zitholakala ngamalimi ahlukahlukene kwaconference.lds.org.

Shicilela