Ngo-2014
Esibekwe Ngokugxila Isithekelezo
Apreli 2014


Umlayezo WobuMongameli Bokuqala, u-Apreli 2014

Esibekwe Ngokugxila Isithekelezo

Isithombe
NguMongameli Dieter F. Uchtdorf

Kungakudala nje ngaba nethuba lokuhamba emkhunjini omkhulu ogwini oluhle lwase-Alaska. Ngenkathi ukapteni elungiselela ukuhlala komkhumbi ebusuku emtata osemajukujukwini,wahlola ngokuqaphelisisa indawo nesimo, njengokulandelana kwamagagasi, ukushona kwamanzi, nebanga lezingozi. Ngesikhathi esenelisekile, waphonsa phansi isithekelezo ukuze umkhumbi uzohlala uphephile futhi uthekeleze ngokugxila, enikeza abagibeli ithuba lokujabulela ubuhle obukhulu bendalo kaNkulunkulu.

Ngesikhathi ngibuka ogwini, ngaqala ukubona ukuthi umkhumbi wawunyakaza ucishe ungabonakali ngenani elincane lomoya nomfutho wamanzi ongaphansi. Nokho-ke, umkhumbi wahlala ngokugxila nokuphikelela ngaphakathi kwendingiliza ekhethekile ubanjwe ubude bolayini wesithekelezo kanye namandla esithekelezo.

Ukapteni akazange agcine isithekelezo sibekwe emkhunjini, silungele ukwehliswa uma isiphepho singeza. Cha, wayethekeleze isitsha njengendlela yokuvika futhi yokuvikela umkhumbi ukuba ungahambi uye emanzini angaphephile noma unyakaze kancane phezu komhlabathi ngesikhathi abagibeli nabasebenzi bezizwa bephephile.

Ngenkathi ngicabanga ngalomehlakalo, kwabonakala kimi ukuba uma lokhu kwankungelona ithuba lomfanekiso, ngangingakaze ngishayele indiza.

Yingani Sidinga Izithekelezo

Inhloso yesithekelezo ukugcina umkhumbi uphephile futhi ubambekile endaweni ethandekile noma ukusiza ukuphatha umkhumbi ngesikhathi isimo sezulu sisibi. Kepha, ukuze ufeze lezi zinhloso ezibalulekile, ukuba nesithekelezo nje akwanele. Isithekelezo kumele siqine, sincikeleke, futhi sisetshenziswe ngendlela ngesikhathi nasendaweni elungile.

Umuntu ngamunye kanye nemindeni badinga izithekelezo zabo nabo.

Ubunzima bungafika njengesiphepho esikhulu kuzosiphephula endleleni futhi kusongele ukusilahla emadwaleni. Kepha ngezinye izikhathi sisengozini futhi uma yonke into ibukeka iphephile—umoya uthambile namanzi ebushelelezi. Empeleni, singaba engozini enkulu kakhulu ngesikhathi sinyakaza futhi umnyakazo umncane kangangokuthi asiwunaki.

IVangeli Liyisithekelezo Sethu

Izithekelezo kumele ziqine, zibe namandla, futhi zinakekelwe kahle ukuze zihlale zilungile ngesikhathi zidingeka. Ngokwengeza, kumele zibekewe esisekelweni esikhonayo ukuthwala ubunzima bamandla aphambanayo.

Vele, ivangeli likaJesu Kristu liyisithekelezo esinjalo. Lalungiswa uMdali womhlaba elungisela inhloso engcwele futhi lakhiwa ukuba lilethe ukuphepha nokweluleka kwabantwana Bakhe.

Yini ivangeli, emuva kwakho konke, ngaphandle kohlelo lukaNkulunkulu lokukhulula abantwana Bakhe futhi balethwe phambi Kwakhe.

Ngokwazi ukuthi kusendalweni yazo zonke izinto ukunyakaza, kumele sibeke izithekelezo zethu ngokugxila embhedeni wamadwala eqiniso levangeli. Akumele zehliselwe emhlabathini wokuziqhenya noma ekuthinteni kancane ingaphandle lokwaneliseka kwethu.

Kule nyanga sinethuba lokulalela izinceku zikaNkulunkulu enkomfeni kawonkewonke yeSonto. Amazwi abo, ehlangene nezincwadi ezingcwele kanye nokukhuluma koMoya, enza isisekelo sombhede wamadwala esiphephile futhi esinganyakaziseki sosizo nezimfundiso lapho esingaxhuma izithekelezo zethu ukuze sizohlala singayankaziseki futhi siphephile phakathi kokulwa nobunzima bempilo.

Umprofethi wakudala uHelamani wafundisa, “Kuphezu kwedwala elinguMkhululi wethu, onguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, lapho nina kufanele nakhele isisekelo senu, ukuze kuthi uma udeveli ethumela imoya yakhe emikhulu, yebo, imicibisholo yakhe kuso isishingishane, yebo, ngesikhathi sonke isichotho sakhe kanye nesiwishiwishi esikhulu sishaya kini, singabi namandla phezu kwenu ukuthi sinihudulele phansi emhosheni wokuhlupheka kanye nasosizini olungapheliyo, ngenxa yedwala lelo nina enakhele kulona, lelo eliyisisekelo esiqinileyo, isisekelo leso uma abantu bakhele kuso bengezukuwa” (Helamani 5:12).

Igugu Lezithekelezo Ezibekwe Ngokugxila

Impilo inendlela yokuhlola izithekelezo zethu nokusilinga ukuba sinyakaze. Nokho, uma izithekelezo zethu zibekwe ngokulungile edwaleni loMkhululi wethu, zizobambeka—noma ngabe kukhona umfutho womoya, amandla amagagasi, noma ubude bamagagasi.

Vele, umkhumbi awuhlelelwe ukuma unganyakazi ethekwini kepha ukuba ukhuphule isithekelezo uhambe ulwandle lempilo. Kepha leso isifanekiso sangesinye isikhathi.

Okwamanje, ngithatha ukududuzeka ekwazini ukuthi isithekelezo sevangeli nedwala loMkhululi wethu kuzosigcina singanyakaziseki futhi siphephile.

Isithekelezo esinje sizosigcina ukuba singanyakazeli ebungozini nasekubini. Sizosinikeza ithuba elingcwele lokujabulela ubuhle obungaqhathaniseki obempilo enhle.

Impilo yinhle futhi ifanele ukuphilwa. Umoya, isiphepho, namagagasi avelayo kungasilinga ukuba sinyakazele ebungozini obubonakalayo nobungabonakali, kodwa umlayezo wevangeli, namandla alo angcwele azosigcina endleleni eya ethekwini eliphephile likaBaba waseZulwini.

Ngakho, asinga laleli izinkulumo zenkomfa kawonkewonke ka-Apreli kodwa masenze imiyalezo yazo ibe isithekelezo esigxilile ezimpilweni zethu zansuku zonke.

INkosi mayisibusise futhi iseluleke kuloluhambo olubalulekile futhi oludingekile!

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Cabanga ukuxoxa ngokubaluleka kwezithekelezo emndenini kaLehi ngesikhathi uhamba ngomkhumbi uya ezweni lesithembiso (bona u-1 Nefi 18). Ungafuna ukukhombisa u-1 Nefi 18:11–15, isikhathi lapho uNefi wayeboshiwe, iLiyahona yayeka ukusebenza, futhi umkhumbi washayelwa iziphepho ezinodlame. Yimiphi imiphumela esibhekana nayo uma singathekelezile ngokuqina evangeleni? Ungafuna ukukhombisa u-1 Nefi 18:21–22 futhi uxoxe ngokuthi singakuthola kanjani ukuphepha ngokuphendukela kuMsindisi.

Shicilela