Ngo-2014
Gcwalisa Umhlaba ngoThando lukaKristu
Disemba 2014


Gcwalisa Umhlaba ngoThando lukaKristu

Uma sicabanga ngoKhisimusi, sijwayele ukucabanga ngokunikeza nokuthola izipho. Izipho zingaba yingxenye yosiko oluyigugu, kepha zingase futhi ziphazamise isithunzi salesisikhathi futhi zisiphazamise ekugubheni ukuzalwa koMsindisi ngendlela eqotho.

Ngiyazi ngezehlakalo zami ukuthi okhisimusi abakhumbuleka kakhulu yilabo ababenesizotha kakhulu. Izipho engazithola ngiyingane zazingatheni uma zilinganiswa nezinga lanamuhla. Ngesinye isikhathi ngangithola ihembe elithungiwe noma amagilavu noma amasokisi. Ngikhumbula omunye ukhisimusi owawukhethekile ngesikhathi umfowethu enginikeze ummese wokhuni ayewubazile.

Akuthathi izipho ezibizayo ukwenza ukhisimusi ube oqotho. Ngikhumbula indaba eyashiwo yiGosa uGlen L. Rudd, owayesebenza njengelunga labangamaShumi ayisiKhombisa kusukela ku-1987 kuya ku-1992. Ngolunye usuku ngaphambi kukaKhisimusi eminyakeni embalwa edlule, ngesikhathi ephethe inqolobane kabhishobhi, wafunda kumholi oyikholwa ngomndeni owawusosizini owawusanda kufika edolobheni. Ngenkathi eya ukuyovakashela indawo yabo yokuhlala encane, wathola umama osemusha owayengayedwa nezingane ezine ezazingaphansi kweshumi ngeminyaka.

Izidingo zomndeni zazinkulu kangangokuthi umama wayengakwazi ukuthengela izingane zakhe izibiliboco noma izipho ngalowokhisimusi—wayengakhoni ngisho ukuthenga isihlahla. Umfowethu uRudd waxoxa nomndeni wathola ukuthi amantombazane amancane amathathu ayengathanda unodoli noma isilwane esigxishiwe. Ngesikhathi esebuza umfana owayenemiyaka eyisithupha ukuthi wayefunani, umfanyana owayelambile waphendula, “ngingathanda indishi yomdokwe.”

Umfowethu uRudd wamthembisa umfanyana umdokwe kanye nokunye mhlawumbe. Wase eya kwinqolobane kabhishobhi wabutha ukudla nezinye izimpahla ezizosiza ngezidingo ezisemqoka zomndeni.

Ekuseni ngalelolanga, oNgcwele weziNsuku zokuGcina wayemunike amadola angu-50 “emnikezela umuntu ososizini.” Esebenzisa lowo mnikelo, umfowethu uRudd waqoqa abantwana bakhe abathathu baya kothengela ukhisimusi—abantwana bakhe bekhethela abantwana ababesosizini amathoyizi.

Emuva kokulayisha imoto ngokudla, yizingubo, yizipho, yisihlahla sikaKhisimusi, futhi nangemihlobiso, abakwaRudd bashayela baya endaweni lapho kuhlala khona umndeni. Lapho, basiza umama nabantwana belungisa isihlahla. Base bebeka izipho ngaphansi kwaso futhi bapha umfanyana iphakethe elikhulu lomdokwe.

Umama wakhala, izingane zajabula, futhi bonke bacula iculo likaKhisimusi. Ngalobobusuku ngesikhathi umdeni wakwaRudd uhlanganyela isidlo sakusihlwa, wanikeza ukubonga ngokuba wakwazi ukuletha injabulo kaKhisimusi komunye umndeni futhi wasiza umfanyana athole indishi yomdokwe.1

UKristu noMoya wokuNikela

Cabanga ngendlela elula kepha enesithunzi uBaba oseZulwini akhetha ngayo ukuhlonipha ukuzalwa kweNdodana Yakhe. Ngalobobusuku obungcwele, izingelosi zavela hhayi kwabacebile kepha kubelusi. Umntwana onguKristu akazalelwanga esithabathabeni somuzi kepha emkhombeni. Wayengambathiswanga ngezingubo eziphambili kepha ngezokusonga.

Ukujwayeleka kwalowo Khisimusi wokuqala kwabonakalisa ngaphambili impilo yoMsindisi. Noma wayedale umhlaba, ehambe embusweni yobukhosi nodumo, futhi eme esandleni sokudla sikaBaba, weza emhlabeni njengengane enganakuzisiza. Impilo Yakhe yayiyisibonelo sobukhosi obuthobekile, futhi Wahamba phakathi kwabampofu, abagulayo, kwabalahliweyo nababethwele kanzima.

Noma Wayeyinkosi, Wayengenandaba nokuhlonishwa nengcebo yabantu. Impilo Yakhe, amazwi Akhe, kanye nokuzikhandla Kwakhe kwansukuzonke kwakungubufakazi besithunzi esijwayelekile kepha esihloniphekile.

UJesu uKristu, owabe azi kahle ukuba kunikelwa kanjani, wasibekela indlela yokunikela. Kulabo izinhliziyo zabo ezisindwa isizungu nosizi, Uletha uzwelo nenduduzo. Kulabo abanemizimba nezingqondo ezihlushwa ukugula nokuhlupheka, Uletha uthando nokulapheka. Kulabo imiphefumulo enomthwalo wokona, Uletha ithemba, uxolo nensindiso.

Uma ngabe UMsindisi engaba nathi namuhla, singamthola lapho Ayehlezi Ekhona—efundisa abazothile, abalahliwe, abazithobile, abaxakekile, nabampofu ngokomoya. Kulenkathi kaKhisimusi nanjalonjalo, asinikele kuYe ngokuthanda njengoba Ethanda. Masikhumbule isithunzi esinokuzotha sokuzalwa Kwakhe, izipho, nempilo. Futhi, ngemisebenzi ejwayelekile yomusa, yesihe, nozwelo, masigcwalise umhlaba ngokukhanya kothando Lwakhe namandla ensindiso.

Amanothi

  1. Bona uGlen L. Rudd, Pure Religion: The Story of Church Welfare since 1930 (1995), 352–53; bona futhi uGlen L. Rudd, “A Bowl of Oatmeal,” Church News, Disemba. 2, 2006, 16.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

UMongameli Uchtdorf ufundisa ukuthi kumele silandele isibonelo sikaMsindisi sokunikela. Cabanga ngokucela abantu obavakashelayo ukuba bashintshane ngokubala isipho uMsindisi abanikeze sona, futhi xoxani ngokuthi bangasisebenzisa kanjani leso sipho ukusiza abanye. Njengesibonelo, uma ilunga libusisiwe ngokuqeqeshwa emculweni, lingaya ukuyoculela abanye omakhelwane amaculo kaKhisimusi. Ungacela ukuguqa uthandaze nalabo obavakashelayo, ucele ukwembulelwa ngokuba yiziphi izipho eningabelana ngazo, ningabelana kanjani ngazo, futhi ningabela bani? Landela noma yikuphi ukwembulelwa okutholayo

Shicilela