Ngo-2016
Izimiso zeThempeli kanye neziVumelwano
Juni 2016


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha. uJuni 2016

Izimiso zeThempeli kanye neziVumelwano

Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuqonda “Umndeni: Isimemezelo eMhlabeni Wonke” kungalukhulisa kanjani ukholo lwakho kuNkulunkulu futhi kubusise labo obaqaphile ngokubafundisa ngokubavakashela na? Ukuze uthole olunye ulwazi vakashela ku reliefsociety.lds.org.

Ukholo, Umndeni, Inkululeko

Isithombe
Isiqubulo Senhlangano Yabesimame Yenkululeko

Zonke izimiso ezidingekayo ensindisweni kanye nasekuphakanyisweni ziphelezelwa yizivumelwano zakho kanye noNkulunkulu. “Ukwenza futhi sigcine izivumelwano kusho ukuthi sikhetha ukuzibophezela kuBaba wethu waseZulwini kanye noJesu Kristu,” kusho uLinda K. Burton,umongameli jikelele weNhlangano Yabesimame Yenkululeko.1

IGosa uNeil L. Andersen woMgwamanda wabaPostoli abayiShumi Nambili wathi, “iNkosi yathi ‘Kwizimiso … amandla obungcwele ayavela.’

“Kunezibusiso zekhethelo ezivela kuNkulunkulu kuwo wonke umuntu obhabhadisiwe futhi olungile, othole oMoya oNgcwele, futhi njalo athabathe isidlo senkosi.”2

“Uma abesilisa kanye nabesifazane beya ethempelini,” kusho iGosa uM. Russell Ballard woMgwamanda wabaPostoli abayiShumi Nambili, “bayahlanganiswa ngamandla afanayo, lawo angamandla obupristi …

“… Bonke abesilisa kanye nabesifazane bangawathola lamandla ukusiza ezimpilo zabo. Bonke abenze izivumelwano ezingcwele kanye neNkosi futhi bazihloniphe lezo zivumelwano bafanelekile ukuthola isambulo sabo, babusiswe izingelosi ezifundisayo, ukuze bakwazi ukuxhumana kanye noNkulunkulu, ukuze bathole ivangeli eliphelele, futhi, ekugcineni, babe yindlalifa eduzane noJesu Kristu kukho konke uBaba anakho.”3

Eminye imiBhalo eNgcwele

1 uNifayi 14:14; Imfundiso kanyeNezivumelwano 25:13; 97:8; 109:22

Izindaba Zabantu Abaphilayo

Ngo 2007, izinsuku ezine emva kokunyakaza komhlaba okukhulu ePeru, iGosa uMarcus B. Nash wabayiShumi ayiSikhombisa wahlangana kanye nomongameli wegatsha eWenceslao Conde kanye nomkakhe, uPhamela. “IGosa uNash wabuza udade uConde ukuba izingane zakhe zisaphila yini. Ngokumoyizela, waphendula ukuthi ngokulunga kukaNkulunkulu babekhuselekile futhi bekahle. Wabuza ngekhaya labakwa Condes.

“‘Alisekho,’ washo nje kalula.

“… Kepha, iGosa uNash waqaphela, ‘uyamoyizela njengoba sikhuluma.’

“‘Yebo,’ esho, ‘Ngithandazile futhi ngikhululekile. Sinakho konke esikudingayo. Sihlangene, sinezingane zethu, sihlanganisiwe ethempelini, sinaleli Bandla elihle kakhulu, futhi sineNkosi. Singakwazi ukwakha futhi ngosizo lweNkosi.’ …

Kuyini ngalokhu kwenza futhi sigcine izivumelwano noNkulunkulu okwenza sibe namandla okumoyizela ebunzimeni, ukushintsha inhlupheko ibe impumelelo… ?”

“Imvelaphi uNkulunkulu. Ukuze sithole amandla lawo avela ezivumelwaneni esizenze kanye Naye”4

Amanothi

  1. ULinda K. Burton, “Amandla, Injabulo, kanye noThando lokugcina isiVumelwano,” Liahona, Nov. 2013, 111.

  2. UNeil L. Andersen, “Amandla avela kubuPristi,” Liahona, Nov. 2013, 92.

  3. UM. Russell Ballard, “Abesilisa kanye nabesiMame eMsebenzini weNkosi,” Liahona, Ephr. 2014, 48–49.

  4. Bona uD. Todd Christofferson, “Amandla Ezivumelwano,” Liahona, Meyi2009, 19, 20–21.

Ake Ucabange Ngalokhu

Zisiqinisa futhi zisikhulise kanjani Izimiso zethempeli kanye nezivumelwano?

Shicilela