Ngo-2016
UMzali Ongaba Wuye
Julayi 2016


UMlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uJulayi 2016

UMzali Ongaba Wuye

Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuqonda “uMndeni: Isimemezelo soMhlaba” kungalunyusa kanjani ukholo lwakho kuNkulunkulu futhi lubabusise kanjani labo obanakekelayo ngokufundisa ngokuvakashelana? Ukuze uthole olunye ulwazi, vakashela ku www.reliefsociety.lds.org.

Ukholo, Umndeni, Usizo

“Kwakubalulekile ukuthi izingane zikaNkulunkulu zizalwe emhlabeni futhi zibe namathuba okuqhubekela phambili empilweni yaphakade,” kufundisa iGosa uDallin H. Oaks woMgwamanda wabaPostoli abayiShumi Nambili. “Ekukhanyeni kwesizathu sokugcina sohlelo olukhulu lwenjabulo, ngiyakholwa ukuthi igugu lokugcina emhlabeni nasezulwini izingane zethu kanye nezizukulwane zethu.”1

IGosa uNeil L. Andersen woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi Nambili wathi:

“Siyakholelwa emndenini, futhi siyakholelwa ezinganeni. …

“‘… UNkulunkulu wathi ku [Adamu no Eva], zalanani, nande, nandise umhlaba’ [uGenesisi 1:28]. …

“Lomyalelo awukakhohlweki noma ubekwe eceleni eBandleni likaJesu Kristu lamaKholwa eziNsukuzokuGcina.”2

Yize noma abanye bethu bengabi abazali emhlabeni, singanakekela izingane ezinanoma yimuphi umnyaka. Siyazijabulela izibusiso zokuba ingxenye yomndeni kaBaba wethu oseZulwini, futhi siyayizwa injabulo kanye nobunzima bokuba ingxenya yomndeni wasemhlabeni. Futhi kwabaningi, ukuba umzali kubalindele empilweni yangunaphakade ezayo.

Eminye imiBhalo eNgcwele

aMahubo 127:3;uMatewu 18:3-5; 1 uNefi7:1; uMose 5:2-3

Izindaba Zabantu Abaphilayo

“Amazwi amaningi emhlabeni namhlanje alulaza ukubaluleka kokuba nabantwana noma aphakamise ukulibazisa noma bavimbe izingane emndenini,” kusho iGosa u-Andersen. “Amadodakazi ami maduzane nje angibhekise iblog ebhalwe umama oliKholwa (hhayi webandla lethu) onabantwana abahlanu. Waphawula: ‘[Ukukhula] kulolusiko, kunzima ukuthola isimo esinenkolo ukuthi sithini ngokuba umzali. … Izingane zibukeleka phansi kunenyuvesi. Ngaphansi kunokuvakasha emazweni. Ngaphansi kunokuhamba ebusuku nanoma ingasiphi isikhathi osithandayo. Ngaphansi kunoku zivocavoca umzimba wakho ejimini. Ngaphansi kunanoma imuphi umsebenzi unganawo noma onethemba lokuwuthola.’ Wabe esengeza: ‘Ukuba umzali akusiwo umsebenzi wokuzilibazisa, kuwubizo. Awuqoqi abantwana ngoba ubabona bebahle okudlula izitembu. Akusiyo into oyenza uma ungampintsha ukuthola isikhathi ukuthi uyenze. Kuyinto uNkulunkulu akunikeze isikhathi sokuthi uyenze.’”3

Amanothi

  1. UDallin H. Oaks, “UHlelo oluKhululweNjabulo,” Ensign, Nov. 1993, 72, 75.

  2. UNeil L. Andersen, “Izingane,” Liahona, Nov. 2011, 28.

  3. UNeil L. Andersen, “Izingane,” 28

Ake Ucabange Ngalokhu

Ngabe iyiphi indlela umndeni wethu wasemhlabeni ufana ngayo nomndeni wethu wasezulwini?

Shicilela