Ngo-2017
Njengoba nginithandile
Februwari 2017


UMyalezo WobuMongameli Bokuqala, uFebruwari 2017

“Njengoba nginithandile”

Eminyakeni edlule umngani wami esasimbiza ngoLouis wangixoxela indaba ebuhlungu ngomama wakhe owayemnene, enomoya ophansi. Ngenkathi eshiya lomhlaba, akashiyanga emadodaneni nasemadodakazini akhe ingcebo yemali kodwa washiya ifa lemfundiso yokuzinikela, nokulalela.

Emva kwezinkulumo zokubonga nohambo oludabukisayo oluya emangcwabeni, umndeni owawusu mkhulu wahlunga ezintweni ezincane unina ayezishiyile. Phakathi kwalezozinto, uLouis wathola incwadi kanye nokhiye. Incwadi yayithi: “ Egumbini lami lokulala elisekhoneni ekhabetheni eliphansi, kunebhokisi elincane. Liphethe igugu lenhliziyo yami. Lokhiye uzolivula lelo bhokisi”.

Bonke bazibuza ukuthi ingabe yini lena unina ayenayo ebaluleke ngangokuthi wayezoze ayikhiyele.

Lasuswa lapho lalikhona ibhokisi lase livulwa ngesineke ngosizo lokhiye. ULouis nalabo ayenabo bahlola okwakuphakathi ebhokisini, bathola isithombe somntwana ngamunye, kunegama lakhe, nosuku azalwa ngalo. ULouis wase edonsa ivalentine ayezenzele yona. Wafunda amagama ayewabhale esemncane eminyakeni ewu60 esadlula kudala athi: “Mama ngiyakuthanda.”

Izinhliziyo zathunukala, amazwi ehla, amehlo agcwala izinyembezi. Igugu lika mama kwakuwumndeni wakhe waphakade. Amandla awo ayevela esisekelweni sokuthi “Ngiyakuthanda.”

Esikhathini sanamhlanje, leso sisekelo sothando ayikho indawo esidingeka kuyo kakhulu njengasekhaya. Futhi akukho lapho umhlaba okufanele uthole khona isibonelo esingcono salesosisekelo ngaphandle kwamakhaya abaNgcwele beziNsuku zokuGcina asebenze uthando lwaba ingxenye yemindeni yabo.

Kulabo bethu abathi bangabafundi boMsindisi uJesu Kristu, wasinika lomlayelo:

“Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokho nginithandile, nani nithandane.

Ngalokho bonke bayokwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana”1.

Uma sifuna ukugcina umyalo wokuthandana, kufanele siphathane ngokuzwelana nangenhlonipho, sikhombisane uthando kukho konke esikwenza nsukuzonke. Uthando lunika amazwi amnene, ukubekezela, ukungabinabugovu, ukuqondisisa, nenhliziyo exolayo. Kuko konke ukuzwana kwethu, l lezi zenzo nokunye kuzosiza ekutshengiseni uthando olusezinhlizwiyeni zethu.

UMongameli uGordon B. Hinckley (1910–2008) waphawula wathi: “Uthando … luyibhodwe legolide ekugcineni kothingo. Nakuba kunjalo uthando luyizinto eziningi kunalapho kuphela khona uthingo. Uthando lusekuqaleni futhi, futhi kulona kuvela ubuhle obuhamba bunqamule isibhakabhaka izulu lilibi. Uthando ukuvikeleka okukhalelwa abantwana, okufiswa yintsha, okubopha umshado, futhi lungamafutha avimba umonakalo ekhaya; liwukuthula komuntu osemdala, luletha ithemba ekufeni. Banothile labo abalujabulelayo emindenini, kubangani, ebandleni, nakomakhelwane.”2

Empeleni, uthando luyivangeli, luyisimilo esihle kakhulu somuntu. Uthando luyikhambi lemindeni enezinkinga, imiphakathi enezinkinga, kanye namazwe anezinkinga. Uthando lutshengiswa ngezindlela eziningi ezibonakalayo: ukumamatheka, ukubingelela, ukuphawula kahle, ukuncoma. Uthando lukhonjiswa ngokuzinikela, ngokusizana kanye nokuzikhohlwa ekusizeni abanye abantu.

Bobaba, thandani amakhosikazi enu. Baphatheni ngenhlonipho nangokubazisa. Bodade, hloniphani abayeni benu. Baphatheni ngenhlonipho futhi nibakhuthaze.

Bazali, thandani izingane zenu. Bakhulekeleni, bafundiseni, nifakaze kubo. Zingane, thandani abazali benu. Batshengiseni inhlonipho, ukubonga, kanye nokulalela.

Ngaphandle kothando olumsulwa lukaKristo, uMormon uyala uthi “asilutho.”3 Umkhuleko wami wukuthi sengathi singalandela umyalelo kaMormoni wokuthi “sikhuleke kuBaba ngamandla onke enhliziyo, ukuze [sigcwaliswe] ngaloluthando, alunika bonke labo abangabalandeli beqiniso beNdodana yakhe, uJesu Kristu; ukuze [sibe] ngamadodana kaNkulunkulu; ukuze kuthi mzukwana esebonakala sibenjengaye.”4.

Imfundiso evela KuloMlayezo

UMongameli uMonson usifundisa ukubaluleka kokutshengisa uthando olufana noluka Kristu olumsulwa, ikakhulukazi emakhaya ethu. Bacele labo obafundisayo ukuthi bahlangane njengomundeni baxoxisane ngezindlela abangatshengisana ngazo uthando. Ungabakhuthaza ukuthi bakhethe okunye kwalokho abakhulume ngakho bese benza imizamo yokukwenza njengomndeni. Njengokuthi amalunga omndeni angenzelana into enhle isonto nesonto. Ungabacela ukuthi kamuva bacabange ngokuthi kulukhulise kanjani uthando ekhaya ukwenza imizamo yokukhombisana uthando.

Shicilela