Ngo-2017
INhlawulo kaKristu ingubufakazi bothando lukaNkulunkulu.
Februwari 2017


Umlayezo Ofundiswa Ngokuvakashelana, Februwari 2017

Inhlawulo kaKristu ingubufakazi bothando lukaNkulunkulu

Ngomkhuleko funda lemibhalo ngenhloso yokufuna ukwazi ngalokho ongakhuluma ngakho.

Isithombe
Uphawu LweNhlangano Yabesimame Yensizakalo

Ukholo, Umndeni, Insizakalo

Ukuqondisisa ukuthi UBaba wethu oseZulwini wanikela ngeNdodana Yakhe eZelwe Yodwa ukuze sithole ukungafi ngokunjalo nethuba lokuphila kwaphakade kusi siza ukuba siluzwe uthando lukaNkulunkulu olungapheli nolunga qondakali asinika lona. UMsindisi wethu naye uyasithanda.

“Ngubani ozosehlukanisa nothando lukaKristu na? …

“Ngiyakholwa wukuthi, ukufa, nokuphila, nezingelosi, nababusi, amandla, noma izinto ezikhona nezisazofika,

“ukuphakama, ukujula, noma ngabe yikuphi okudaliweyo akukho okuyoba namandla okusehlukanisa nothando lukaNkulunkulu, oluku Jesu Kristu iNkosi yethu” (ngokwaseRoma 8:35, 38–39).

Igosa, uD. Todd Christofferson woMgwamanda wabayiShumi naMbili wathi ngeNhlawulo kaJesu Kristu: “Ukuzwa ubuhlungu koMsindisi eGethsemane kanye nezinhlungu zakhe esiphambanweni kwasithenga esonweni ngokwanelisa izimfuno zokulunga ezazizofunwa kithi. Welula umusa abaxolele labo abaphendukayo. INhlawulo kaJesu Kristu ikhokhela icala ukulunga okufanele kulikhokhe kithi ngokuselapha nokusinxephezela ngenxa yabo bonke ubuhlungu esibuzwe kungafanele. ‘Ngokuba bheka, uzwa ubuhlungu babantu bonke, yebo, ubuhlungu bazo zonke izidalwa eziphilayo, abesilisa, abesifazane, kanye nabantwana, abangabomndeni ka-Adamu’. 2 Nefi 9:21; bheka futhi kuAlma 7:11–121

UKritu “usibhale ezandleni zakhe” (uIsaya 49:16). ULinda K. Burton, uMongameli Jikele weNhlangano Yabesimame Yosizo, wathi: “Leso senzo sothando esidlula konke kufanele sisiwise phansi ngamadolo sikhuleka ngokuzithoba sibonga uBaba wethu oseZulwini ngokusithanda ngokwanele ukuba athumele iNdodana Yakhe eZelwe Yodwa futhi nephelelisiwe ukuba izozwa ubuhlungu ngezono zethu, nangenxa yobuhlungu esibuzwa ezinhliziyweni zethu, nakho konke okungalungile okwenzeka ezimpilweni zethu”.2

Imibhalo eNgcwele kanye nolwazi olungeziwe

uJohani 3:16; 2 Nefi 2:6–7, 9; reliefsociety.lds.org

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. D. Todd Christofferson, “Redemption,” Liahona, uMeyi 2013, 110.

  2. uLinda K. Burton, “Is Faith in the Atonement of Jesus Christ Written in Our Hearts?” Liahona, Nov. 2012, 114.

Ake Ucabange Ngalokhu

Singakukhombisa kanjani ukubonga nothando kuNkulunkulu nakuJesu Kritsu ngesipho seNhlawulo asinika sona na?

Shicilela